EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza u-Erasmus abone iChiefs ihlabene kuSirino

Ayanda amahlebezi okuthi uGaston Sirino akasahlalisekile kwiKaizer Chiefs futhi kungenzeka ashiye.

Kodwa umgadli wakuleli osemnkantshubomvu, uKermit Erasmus uthi kobe izibulele iChiefs uma ingavuma ukushiywa nguye. 

USirino ufike kuMakhosi ebhekwe kakhulu njengoba ebesuka kwiMamelodi Sundowns abenqobe kuyo inqwaba yezindebe.

Phela abadlali abasuke kwiSundowns beshisa ngaphambi kwakhe, bafike bahluleka kuMakhosi, bagcina bededelwa. 

Kodwa uSirino yena ufike wenza ezibukwayo emidlalweni yakhe yokuqala ngaphambi kokuthi aphazanyiswe wukulimala.

Kumanje akadlali ngenxa yokushayeka kabana bebhekene nePolokwane City ngasekuqaleni kukaDisemba.

Manje u-Erasmus, oke wadlala naye kwiSundowns phambilini, uncoma ukuziphatha okuhle kukaSirino nobuhlakani bebhola anabo. 

“USirino usebenza ngokuzikhandla futhi ungumdlali okhaliphile,” kusho u-Erasmus kwiSoccer Beat Podcast yakamuva. 

“Akulula ukuqagula azokwenza uma ephethe ibhola futhi unobuchopho obuhle bebhola. 

“Uma udlala naye, kumele uhlale ulungile ngoba ubona amaphasi abanye abangawaboni.”

Uqhube wathi lukhulu iChiefs ezoluzuza kuSirino uma esenkundleni noma engekho ngoba uzoba yisibonelo esihle kubadlali bayo abasebancane. 

IChiefs izowuzwa umthelela wokungabi bikho kukaSirino njengoba inemidlalo eyinselelo ngoJanuwari.

Yena kulindeleke abuye ngasekupheleni kwale nyanga, lapho iChiefs seyidlale imidlalo okungenani emithathu engekho yena.