Isihlabani seBafana sibonwe kwiWydad, singase sisayine
- Intatheli yeLISENETHINI
Umgadli weBafana Bafana, uLebo Mothiba, ubonakale eyingxenye yezicukuthwane zeWydad Athletic Club ngoMgqibelo ebusuku.
Lokhu sekubhebhethekise amahlebezi okuthi angase asayine kulezi zinkunzi zaseMorocco.
UMothiba ubelokhu engenaqembu selokhu ahlukana neqembu leLigue 1 yaseFrance, iStrasbourg ekupheleni kwesizini edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usemataniswa namaqembu ahlukene kulandela ukululama ekulimaleni.
Phambilini uchithe isikhathi kwiKarlsruhe eGermay, futhi ucishe wasayina kwiStandard Liege kodwa izingxoxo zabhuntsha ngokungavumelani ngemibandela yomuntu siqu.
Imibiko evela eMorocco iveza ukuthi uMothiba umenywe ukuzoziqeqesha neWydad ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena wakuleli.
Lo mgadli ubonwe eStade Larbi Zaouli ngoMgqibelo kusihlwa la iWydad ihlulwe khona yiMAS de Fes ngo 4-1.
Ukuba khona kwakhe sekuqubule ukuqagela ukuthi kungenzeka asayinwe yileli qembu elibheke ukuqinisa phambili.
Uma lokhu kwenzeka, kuzophawula isiqalo esisha kulo mgadli waseNingizimu Afrika.
Ikhono elifakazelwe lokushaya amagoli likaMothiba kanye nolwazi lwamazwe ngamazwe kungase kuqinise ukuhlasela kweWydad.
Akukho ukuphawula okusemthethweni osekwenziwe yiqembu ngalokhu.
Kodwa kuyavela ukuthi iWydad inezinhlelo ezinkulu zokuqinisa iqembu.
Uma esayinzwa uMothiba, uzoba ngumdlali wesibili waseNingizimu Afrika kuleli qembu njengoba kukhona noCaissius Mailula.