IDowns nesimemezelo sinhala ngoMngqithi nekusasa
IMamelodi Sundowns izokwenza isimemezelo esikhulu ngoLwesibili ntambama ngemuva kokuthi umqeqeshi uManqoba Mngqithi esule ngasese ngempelasonto.
ILisenethini ithole ulazi lokuthi iSundowns izomemezela umqeqeshi omusha ngoLwesibili ngezithuba zabo-12:30 ntambama.
Kukholakala ukuthi uMngqithi wesulile esikhundleni ngemuva kokungezwani okubekhona phakathi kwakhe nabadlali abathile.
Kuthiwa abadlali bebengayizwa indlela afuna kwenziwe ngayo izinto.
“Walahlekelwa wukwethenjwa ngabadlali ngenxa yezindlela zakhe nendlela ayefuna ukuzigxilisa kubo. Ubezikhukhumeza kakhulu,” kusho umthombo.
“Okunye okumenze wanquma ukuhamba wukuthi uthole umoya wokuthi abaphathi sebevele bekhuluma nomunye umqeqeshi ozovala isikhala sakhe.
“Waba nomuzwa wokuthi lokho kuwukungahloniphi nokuhlambalaza ubuhlakani bakhe,” kwengeza umthombo.
UBenni McCarthy, owayengumqeqeshi waMaZulu neCape Town City usanda kuvuma ukuthi uke wahlangana nomqondisi wezobuchwepheshe weSundowns, uFleming Berg.
Nokho ukuphikile ukuthi bakhulume ngomsebenzi wokuqeqesha wathi uMngqithi nethimba lakhe baphephile.