AmaqembuEzintsha

Ezintsha ngoBilliat ofuna ukubuyela kwiPremiership

Akukho okubambekayo ngesihlabani saseZimbabwe uKhama Billiat okubikwa ukuthi ufuna ukubuyela kwiBetway Premiership.

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ube nesizini enhle neYadah FC yakubo ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs ngonyaka odlule. 

UBilliat ushaye amagoli angu-13 ukuze aqede endaweni yesibili ohlwini lwabahamba phambili ngokushaya amagoli.

Ube ngemuva kukaLynoth Chikuhwa weHighlanders. 

UBilliat uvumile engxoxweni yakamuva ukuthi ubheka iqembu eNingizimu Afrika njengoab kukhona ambalwa akhombise intshisekelo ngaye. 

ISekhukhune United neCape Town City kunamahlebezi okuthi yibo abanentshisekelo kakhulu ngalo mdlali owaduma kakhulu kwiMamelodi Sundowns.

Nokho, ngokubika kwePhakaaathi, akukho okutheni osekwenzekile okwamanje.

KwiYadah, uBilliat udlale ibhola elihle waze waphoqa umqeqeshi weqembu lesizwe ukuba ambuyise yize ayesewagaxe emgibeni amakhokho.

Ube nesandla ekutheni Warriors ingene kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezosingathwa yiMorocco ngonyaka ozayo. 

“Kuyiqiniso ukuthi amakilabhu axhumanile naye,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Kodwa okwamanje akukho lutho olusetafuleni esingakhuluma ngalo. 

“UKhama uyayithanda iNingizimu Afrika futhi ubheke ukuqeda umsebenzi wakhe khona mhlawumbe aze ajahe irekhodi lokushaya amagoli amaningi kwiPSL. 

“Inkontileka yakhe neYadah iyaphela uma kuphela le nyanga.

“Mhlawumbe-ke izinto zizocaca ukuthi yini umnyakazo olandelayo kodwa nakanjani ufuna ikilabhu entsha ngokushesha.

“Ufuna ukuthi kushaye isikhathi se-Afcon ebe esevele engumdlali oqavile eqenjini azobe ekulo futhi engumentshisi.”