Ugajwe eSoweto wawucinga e-Europe umsebenzi uMcCarthy
UBenni McCarthy usedalule ukuthi kungani esegxile ekuwutholeni e-Europe umsebenzi wookuqeqesha.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-47 ubudala uzizwa enganakiwe amakilabhu aphezulu aseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
UMcCarthy uqeqeshe iCape Town City yanqoba isicoco seMTN8 ngo-2018 waphinde wafaka AmaZulu okokuqala kwiCaf Champions League.
Sekuyisikhathi eside eyintandokazi yabalandeli emsebenzini wokuqeqesha kweyodwa yezinkunzi zaseSoweto.
Nokho, alikho iqembu kulawa elibukeka lizimisele ngaye.
Ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe kwiManchester United, uMcCarthy ushiyile.
Ube nengxoxo noRobert Marawa kuleli viki la eveze khona imizwa yakhe ngokuqeqesha kuleli. .
“Ngesikhathi uGavin Hunt eshiya iChiefs, kwaba nethuba, kodwa akwenzekanga.
“KwiPirates, ngaphambi kokuthi kufike uJose Riveiro, bengicabanga ukuthi kungenzeka, kodwa lutho,” kusho lo mqeqeshi.
UMcCarthy uveze ukuthi ithuba lakhe lokuqeqesha ebholeni laseNingizimu Afrika lisemaqenjini amancane afana neRichards Bay, AmaZulu, noma iCape Town City.
“Ngiyayithanda iNingizimu Afrika nebhola lethu, kodwa cishe ngeke ngiqeqeshe iqembu elikhulu lapha,” kwengeza.
Manje, uMcCarthy usengqongqoza eminyango yamaqembu ase-Europe.
“Uma ithuba lifika e-Europe, ngizolithatha. Lowo ngumbono wami manje,” kuqhuba uMcCarthy.
Phezu kwalokhu, uMcCarthy akakalilahli ithemba ngokubuya azosebenza ekhaya.
“Uma ithuba elifanele nelihambisana nemigomo yami livela, ngizolicabangela.”
Kodwa lapho ebuzwa ngokuthatha izintambo kwiRichards Bay, uvele wathi, “Cha.”