Owayeyisihlabani seCeltic uzilolonga ne-Orlando Pirates
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumdlali wasesiswini weChippa United, uSiphele Luthuli, ubonakale ezilolonga ne-Orlando Pirates kuleli sonto.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, ongumdlali wamahhala njengamanje, unethemba lokuthola inkontileka namaBhakabhaka.
ULuthuli uqale umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwi-University of Pretoria kanti usedlalele iHighlands Park, Ubuntu, iBloemfontein Celtic, iRoyal AM, neChippa United.
Isizini yakhe eyaba yinhle eyango-2019/20 kwiCeltic, lapho eshaye khona amagoli ayisithupha.
Ngemuva kokuhlala isikhashana kwiRoyal AM, ube esejoyina iChippa United, wahalal kuyo amasizini amathathu futhi wadlala imidlalo engu-44.
Ukukwazi ukudlala izindawo ezehlukene kukaLuthuli kungase kuhambisane kahle nendlela yePirates, njengoba leli qembu livamisile ukusayina abadlali abebengalindelwe muva nje.
Umqeqeshi uJose Riveiro uzohlola ukuthi uLuthuli angaba negalelo elingakanani eqenjini njengoba lezi zinkunzi zaseSoweto zibheke ukuqinisa isikwati sazo.
KuLuthuli, leli yithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe nenye yamakilabhu amakhulu ezweni.