AmaqembuEzintsha

AwaseGauteng ‘alinga’ i-Arrows ngomgadli wayo

Umgadli weGolden Arrows uLungelo Nguse kubikwa ukuthi uqashwe ngeso lokhozi amaqembu amabili amakhulu kwiBetway Premiership. 

Ngokusho komthombo osondelene nalo mdlali, lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala angase ashintshe iqembu ewindini lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari ozayo. 

Yize lo mthombo ungafunanga ukudalula amagama amaqembu agaqele ukusayina uNguse, i-Orlando Pirates kukholakala ukuthi ingelinye lamaqembu anentshisekelo ngalo mgadli.

UNguse uthathwa njengethemba elihle elizosiza amaBhakabhaka uma edlulela phambili kwiCaf Champions League njengoba uZakhele Lepasa esalimele nje. 

Lo mdlali we-Arrows useke wadlalela iBaroka FC, iBizana Pondo Chiefs, iTS Sporting ne-University of Pretoria.

“Ngeke ngikunike igama lamaqembu womabili ngoba kungase kubeke engcupheni izingxoxo kodwa amaqembu azinze eGauteng.

“Asebuze kaningana ngalo mfana,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi

Elinye iqembu eselike lavela kwangase afune lo mgadli yiKaizer Chiefs njengoba nayo isemkhankasweni wokuqinisa kubagadli.