Akethukile oweMilford yize sebedliwe kulandelana
Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weMilford, uMandla Qhogi, akumthusanga ukuhlulwa kabili kulandelana, futhi ukubuka njengento abebeyidinga.
Naphezu kokuhlulwa yiHungry Lions neCasric Stars, iMilford isalokhu iqhwakele kwilogi yeMotsepe Foundation Championship.
NgoLwesithathu, leli qembu laseRichards Bay lizoke likhohlwe iligi njengoba liqala umkhankaso weNedbank Cup.
Lizobhekena ne-Upington City eMxolisi Dicky Jacobs Stadium, eKimberly namuhla ngoLwesithathu. Umdlalo uqala ngo-3:30 ntambama.
“Akulahlekile konke,” kusho uQhogi kwiSowetan kuleli sonto.
“Sibhekene neCasric, bekuwusuku olubi nje ehhovisi. Kuyenzeka kuwo wonke amaqembu.”
UQhogi uzivumile izinselelo zokuba ngabaholi kwilogi, ethi kwenza wonke amaqembu azibambe ziqine uma eza kuwe.
“Amaqembu afuna ukusishaya kakhulu manje, futhi abafana sebeyayizwa ingcindezi. Kodwa asikho isidingo sokwethuka.
“Lokhu kuhlulwa kusikhumbuza ukuthi umsebenzi usemningi phambili. Sizobuyelangamandla.”
Uphinde wakhomba uhlelo lwemidlalo elandelana eduze ngokuthi nalo liyagqilaza kubadlali ikakhulukazi njengoba ingajwayelekile leyonto kulesi sigaba abakuso.
“Kuzoshaya impelasonto sesidlale imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisishiyagalombili,” kwengeza uQhogi.
“Kunzima ukululama, futhi asisijwayele lesi sivinini imidlalo eza ngaso kulokhu.”
IMilford izobe ibheke ukubuyela emgqigqweni wayo ngalo mdlalo wendebe eyazakhela igama kuyo ngesizini edlule.
Leli qembu labhabhadisa iKaizer Chiefs, lashiya abalandeli becwebe izinyembezi eFNB Stadium ngesizini edlule.