Kuqothuka izinwele kubaphathi beDowns ngolukaMngqithi
- Intatheli yeLISENETHINI
Kuthiwa sebewanwaye baze bacishe baqothukelwa yizinwele abaphathi beMamelodi Sundowns uma becabanga indaba kaManqoba Mngqithi.
UMngqithi uqashwe ekuqaleni kwale sizini njengomqeqeshi oyinhloko kule kilabhu ezinze eChloorkop.
Nokho izinto azikahambi ngendlela ejabulisayo – iSundowns ihlulekile kwiMTN8, yahluleka nakwiCarling Knockout seyikowamanqamu.
NakwiBetway Premiership ayiqalanga kahle njengoba seyivele ike yahlulwa futhi ilandela i-Orlando Pirates kwilogi.
Ukungaqali kahle sigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League, la idlale khona ngokulingana ngo 0-0 neManiema Union, kwengeze ingcindezi.
Ngokombiko weSoccer Laduuma, abaphathi sebevele baqalile ukuyinaka eyemiphumela kodwa ngathi okwamanje basazoyiziba.
“Inkinga enkulu yindaba yenkontileka. Uzokhumbula ukuthi ubesanda kusayina inkontileka ende yeminyaka emine,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Uma bemkhulula manje, kuzolidla izindodla zemali iqemnbu okuyinto abangafuni yenzeke…
“Okunye okumvuna uMngqithi wukuthi yize esehlulekile ezindebeni ezimbili, kodwa isizini iseyinde futhi kusekuningi iqembu elizokulwela.
“Ukushinstsha umqeqeshi manje kungavele kuqadunge kakhulu amanzi ekubeni isimo sivele singesihle.”
Kuvela nokuthi inselelo enkulu ebhekene noMngqithi ngeyokungethembani ngaphakthi eqenjini njengoba kunabadlali abafaka unyawo lwedada.