UKekana unethemba lokuthi iSundowns izojika izinto
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, ukholwa ukuthi iqembu lizolulama emiphumeleni yakamuva edumazayo.
AmaBrazilians ahlulwe ngo 2-1 yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout Cup ngempelasonto edlule.
Lowo mphumela ulanywe ngomunye odumazayo, edlala ngokulingana ne-AS Maniema Union emdlalweni wabo wokuqala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.
ISundowns manje isishintshela kwiBetway Premiership. Izobhekana neSekhukhune United eLoftus Stadium ngoMgqibelo.
Ukunqoba kubalulekile kwiSundowns njengoba ibheke ukuvala igebe eqenjini elizihola phambili kwilogi, i-Orlando Pirates.
Naphezu kwale miphujmela emibili edlule eshiye ukungabaza ngokuthi ngabe inqoba isahamba ngakho, uKekana unethemba.
“Kube yisonto elinzima, kodwa siyazi ukuthi isizini iseyinde, kusekude phambili,” usho kanje lo mdlali weBafana Bafana.
“Kudingeka silungise amaphutha ethu, siqale ukuwina futhi. Wonke umuntu unendima okufanele ayidlale ukuze aqinisekise imiphumela emihle.”
UKekana ulindele umdlalo oyinselelo neBabina Noko. Uncome isikwati seSekhukhune, umqeqeshi nabadlali athi basezingeni eliphezulu.
“Bazofika bevutha. Baneqembu elihle nomqeqeshi omuhle. Kufanele sizilungiselele kahle ukuze siphinde sibe nokuzethemba futhi sibuyele ekuwineni,” kusho uKekana.
Uphinde wacela abalandeli beSundowns ukuthi bame eduze kweqembu ngalesi sikhathi esinzima.
“Sidinga ukuthi banamathele kithi. Kunzima njengamanje, kodwa ukwesekwa yibo kusigcina sinethemba. Izinto zizojika,” kwengeza uKekana.