Ubuyela kwiPSL uKhama Billiat ‘osezelwe kabusha’
- Intatheli yeLISENETHINI
ICape Town City kuthiwa iyona ehamba phambili emjahweni wokusayinisa umdlali wasesiswini waseZimbabwe uKhama Billiat ngemuva kwesizini yakhe enhle kwiZimbabwe Premier League.
UBilliat uvalelise ngokusemthethweni eqenjini elimsize ukuthi avuselele umsebenzi wakhe, i-Yadah FC.
Futhi manje usekhululekile ukuthi engajoyina nomayiliphi iqembu ngaphambi kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.
Kukholakala ukuthi usevele ushiyile eZimbabwe, walibangisa eNingizimu Afrika lapho engase afike ayohlangana nezikhulu zeCity ngaphambi kokusayina ngoJanuwari.
UBilliat unolwazi olunzulu lweBetway Premiership njengoba edlale kwi-Ajax Cape Town iMamelodi Sundowns nakuKaizer Chiefs eminyakeni engu-10 edlule.
Ubudlelwano bakhe neChiefs bube muncu ekugcineni njengoba kubikwa ukuthi wayephoqwa ukuthi avume ukuthi ehliselwe iholo, kodwa wanqaba.
Wabe eseshiya leli qembu laseNaturana engavalelisanga, futhi naphezu kwezicelo ezimbalwa endaweni, wanquma ukubuyela ekhaya eZimbabwe.
Kukholakala ukuthi lesi sinyathelo besiyindlela yakhe yokuyopholisa ikhanda, aphinde avuselele uthando lwakhe lwebhola kanti iYadah imsizile kulokho.
Manje usevuselelekile futhi usekulungele ukususa isivunguvungu kwiPremiership emzuliswaneni wesibili wesizini.