AmaqembuEzintsha

OweBay uthi uTruter yisehluleki esidala

Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela usephumele obala ephikisana nobengumqeqeshi, uBrandon Truter mayelana nezinkinga zangaphandle kwenkundla athi ziphazamisa iqembu. 

UBiyela uthi ukuhluleka kukaTruter akuqali kwiRichards Bay njengoba ebenezinselelo ezifanayo nakwamanye amaqembu phambilini. 

UTruter ushiye leli qembu leBetway Premiership ngoLwesihlanu, kulandela uchungechunge lwemiphumela engagculisi. 

Ukhale ngezinkinga zangaphakathi ekilabhini, nokushoda kwabadlali abasezingeni eliphezulu njengesizathu sokwehluleka kwakhe ukuthola imiphumela emihle.

UBiyela ukhombe uTruter ngenjumbane, ethi wehlulekile nasemaqenjini afana naMaZulu FC, iRoyal AM, iSekhukhune United, neMoroka Swallows. 

“Uma ekhononda, akukho esingakwenza, ” uBiyela usho kanje kwabeSportswire. 

“Siyaqonda uma othile enenkinga, uhlale efuna into azozivikela ngayo. Asizange sisebenze naye ngesikhathi ehluleka kuMaZulu. 

“Sisebenze naye ngesikhathi iRoyal AM, Sekhukhune United, neMoroka Swallows? Kungani engenzanga kahle lapho?”.

UBiyela uphinde wangabaza ikhono likaTruter lokuziqalela phansi iqembu uma elifice kade lingenzi kahle.

Uthe uyaye efice iqembu selibunjiwe, enze kahle isizini eyodwa bese ehluleka ngelandelayo uma sekufuneka amacebo akhe. 

“Uma sekuyisizini yesibili uyehluleka. Ufica iqembu lisesimweni esihle ngesizini yokuqala bese enza kahle. 

“Kodwa uma sekumele aqale iqembu lakhe, uyehluleka,” kusho uBiyela. 

“Akukho esingakwenza manje. Sisashaye amagoli amabili emidlalweni eyisishiyagalombili. Akukho esingakwenza. Kuwukuba nethemba nje.”  

Ngemuva nje kokuhamba kukaTruter, amaphini omqeqeshi oSiboniso Gumede, uRonnie Gabriel, noSibusiso Msomi bazophatha iqembu. 

IRichards Bay izobhekana naMaZulu eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ntambama.

“Amaphini omqeqeshi akhona, yiwo azobe ephethe iqembu,” kuqinisekisile uBiyela.      

“USiboniso Gumede, uRonnie Gabriel, noSibusiso Msomi bazophatha njengabaqeqeshi. 

“Kufana nakuMaZulu lapho abaqeqeshi beqeqesha khona ngokubambisana. Sizokwenza lokho; asijahile .”