AmaqembuEzintsha

Izembe seliloliwe, lingase likhale noma nini kowelePSL

Sebevele bahlanu abaqeqeshi bamaqembu eBetway Premiership abahlukane namaqembu abo kule kule sizini, kanti kuvela ukuthi kunowesithupha olandelayo.

Ngaphambi kokuthi kuqale isizini, kunabaqeqeshi ababili abaxoshwa noma abanquma ukwehlukana namaqembu abo.

IMarumo Gallants yaseFree State ihlukane noDylan Kerr kubangwa izinto ezithile ngaphambi kokuthi kuqale isizini. 

Kube sekulandela iSekhukhune United ehlukane noPeter Hyaballa kulandela izigameko ezenzeka esese, la lo mqeqeshi engaziphathisanga okomuntu osebenza ngebhola ngokusemthethweni.

Kube sekuba yiRichards Bay, nayo ededele uVusumuzi Vilakazi obeyivikise izembe ngoba ifuna umqeqeshi ongcono nozofeza izifiso zayo. 

AmaZulu nawo ahlukane noPablo Martin obesolwa ngokwenza kancane, nokuthi inqola uyibhekise entalashishi. 

Muva nje kube uSead Ramovic osule phambi kwabantu, eshiya kwiTS Galaxy kusadlalwe imidlalo embalwa. 

Manje iLisenethini seyihoshe umoya wokuthi ibhantshi lingase ligcwale umoya kuBrandon Trutter ocija iRichards Bay. 

Lezi zinsolo ziqale ukuvela ngemuva kokubonakala komphathi weRich Boyz, uJomo Biyela engeneme iqembu liqeda ukukhishwa kwiCarling Knockout.

Nokho, ngokwemithombo esondelene neqembu, lokho wabuye wakudlulisa, kodwa njengoba izinto zingalungi nakwiPremiership, isineke sesiyaphela. 

Kuvela ukuthi kungenzeka axoshwe maduze, kanti abanye bathi unqunyelwe ugwayi katiki ngomdlalo olandelayo abazobhekana kuwo naMaZulu FC.