Ezintsha

AbamaSalga Games bafisa ukukhiqiza izihlabani zebhola

Usihlalo weSalga Games, uWilson Ntshangase uthi bafisa amaqembu adlala ezigabeni ezikhokhelayo amenyiwe kule midlalo.

Inhloso yalokho, ngokusho kukaNtshangase oyimena yasoLundi, ukuthi azobhekan ithalente elisuke likhangiswa kule midlalo.

Ekhuluma neLisenethini, uNtshangase uthi bameme abaqeqeshi baMaZulu FC, iGolden Arrows, iRoyal AM, iRichards Bay FC, iMilford FC, iDurban City, iNjampela FC, noMsinga United.

“La maqembu siwamemele ukuthi azohlwaya abadlali kule midlalo yamaSalga,” kusho uNtshangase.

“Nabaphathi bamaqembu aKwaZulu-Natal adlala ezigabeni ezikhokhelayo bazoba yinxenye yale midlalo.” 

Le midlalo ivele inomlando omuhle wokuvundululwa kwabadlali abagcina beyizihlabani emaqenjini ePremier Soccer League (PSL).

Kubadlali abavundululwe kumaSalga Games singabala uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, uThamisanqa Gabuza, uSiphesihle Maduna noGoodman Dlamini.

USangweni wagcina engukaputeni kwi-Orlando Pirates kant wadlala naseqenjini lesizwe ngemuva kokuthi ebonwe yiGolden Arrows kule midlalo.

UGabuza naye watholwa yiyo i-Arrows, wagcina edlale kwiPirates nakwiBafana ngaphansi kukaShakes Mashaba. 

UMaduna wavundululwa AmaZulu, kanti njengamanje udlala kwiTS Galaxy. 

Bakhona nabanye abayizihlabani zeminye imidlalo abanjengoBongiwe Msomi obengukaputeni weqembu lesizwe lakuleli leNetball, noChad Le Clos obengumpetha wama-Olympics.