UNkota ubhoboka ngokulimala okucishe kwaqeda ngaye
- Sibongiseni GUMBI
Isihlabani esisesincane se-Orlando Pirates, uMohau Nkota ube ngundabuzekwayo ngendlela adlale kahle ngayo e-Algeria kuleli sonto.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ushaye amagoli amabili ngesikhathi iPirates ihlula iCR Belouizdad ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League.
UNkota uvule inkundla ngegoli eliqhamuke eqedela ngobuchule umnyakazo obuqhamuke noRelebohile Mofokeng omshaye ngephasi kaNokusho.
Elesibili kube yintululwane yeshodi ayidonse engaphandle kwebhokisi leBeloiuzdad, lakhala enethini.
“Kuwukufezeka kwephupho,” usho kanje uNkota ngemuva kwalo mdlalo wasekuhabeni.
“Ukushaya amagoli emdlalweni omkhulu kangaka kusho lukhulu kimi. Ngibonga wonke umuntu obekholelwa kimi sonke lesi sikhathi.”
Usengundabamlonyeni nje uNkota bekungelula njengoba eke walimala kanzima edlala eqenjini leDStv Diski Challenge bebhekene neKaizer Chiefs ngasekuqaleni konyaka.
Lokhu kulimala kumfakele inselelo enkulu ebidinga aqine ngokomqondo ukuze akwazi ukululama ngendlela.
“Bekuyisikhathi esinzima kunazo zonke empilweni yami leso,” kuqhuba uNkota.
“Kodwa ngomusa kaNkulunkulu, ngiyinqobile leyo nselelo.”
Ukudlala kwakhe kahle kwakamuva kwengeza kwifomu encomekayo kaNkota, okuhlanganisa nokushaya amagoli amabili bebhekene naMaZulu ngo-Okthoba.
IPirates manje isendaweni yesibili eqoqweni layo kwiChampions League futhi ibheke ngabomvu ukwaukela i-Al Ahly ngoDisemba 7.
Kodwa ngaphambi kwalokho, kufanele izame ukugcina ifomu yayo encomekayo yeBetway Premiership uma sebamukela iStellenbosch FC ngeSonto.