UNabi uchaza ‘eqokuququdisa uSirino ama-ice’
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usechaze okwenze angamsebenzisi uGaston Sirino ngesikhathi benqoba ngo 2-1 kwiRichards Bay.
USirino ubehleli ebhentshini kulo mdlalo, kodwa akazange adlale ePolokwane ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlali wasesiswini usakhombise ukuba ngukhiye kuMakhosi kule sizini njengoba kunguye ohlanganisa iminyakazo yokuhlasela.
Nakhona ngoLwesithathu sibonakalile isikhala sakhe, ikakhulukazi uma iqembu lihlanganisa iminyakazo yokuhlasela.
Ngemuva komdlalo, uNabi utshele abezindaba ukuthi ubehlele ukumfaka lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala, kodwa wabuye wanquma ukuthi ake amyeke.
Kube yikhadi elibomvu likaReeve Frosler ekuqaleni kwesiwombe sesibili elenze zajika izinhlelo zeChiefs kulo mdlalo.
“Usanda kubuya ekulimaleni,” usho kanje uNabi ngesikhathi ebuzwa ngalo mdlali wasesiswini.
“Ngisho nomqhudelwano esiwudlale ePort Elizabeth (iHome of Legends Cup), waphinde walimala.
“Besihlela ukumnika imizuzu ethile phakathi nomdlalo kodwa uma kubhekwa izimo ezidalwe yikhadi elibomvu, asikwazanga ukuzifaka engozini.
“Kodwa mhlawumbe kungenzeka abuye emidlalweni elandelayo,” kuqhuba lo mqeqeshi othe iChiefs isekude ekubeni yiqembu afuna libe yiyo.
IChiefs izohlala ePolokwane njengoba nangoMgqibelo izophinde ibe sePeter Mokaba Stadium la izosingatha khona iRoyal AM.