Ukhale ‘ngekhwalithi’ yabadlali oweBay eshaywa yiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
UBrandon Truter akakwazanga ukuzibamba ngemuva kokuhlulwa kweRichards Bay ngo 2-1 yiKaizer Chiefs ebininabadlali abangu-10.
IRich Boyz ithole ithuba lokuhlenga okungenani iphuzu emdlalweni weBetway Premiership ngemuva kokuthi iChiefs isale nabadlali abangu-10 ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
UReeve Frosler ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokuthola elesibili eliphuzi ngemuva kwemizuzu emithathu kuqale isiwombe sesibili.
IChiefs ibihamba phambili ngo 1-0 ngaleso sikhathi kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Esikhundleni sokusebenzisa leli thuba, iRichards Bay ivele yadlala into engaqondakali ibhekephi.
IChiefs ibe seyengeza elinye igoli ngaphambi kokuthi iqembu likaTruter lishaye igoli lokuziduduza umdlalo sewuphela.
UTruter uzwakalise ukungeneliseki ngabadlali bakhe, ekhala ngezinqumo zabo, eveza nemibuzo ngekhwalithi yabo.
“Amagoli esiwadedele namuhla awajabulisi. Sihlulwe wukuvimba ibhola kade libekwe phansi, lagotshwa labangwa abadlali abahlanu bethu nababili bembangi.
“Kodwa sihlulekile ukuliwina lelo bhola,” uchaze kanje uTruter ekhuluma kumabonakude ngemuva komdlalo.
“Kunezikhathi ezithile emdlalweni lapho umqeqeshi engakwazi ukwenza lutho, lapho leso simo sisuke sidinga umdlali uqobo.
“Singaphinda sidale izikhathi ezithile kodwa kunezikhathi ezihlukene eziyisigidi noma eziyinkulungwane ezingezomdlali.
“Yilapho kungena khona ukuthathwa kwezinqumo, ukwazi kwenzakalani nekhwalithi yomdlali kudingeka khona…
“Ngizizwa ngiphoxekile ngalokho namhlanje ngoba ezinye izinqumo bezidida, ikakhulukazi ngokuhamba kwesikhathi.
“IChiefs beyingasaphelele, isinika ibhola kodwa sivele silikhahlele nje bese silijaha ngemuva.
“Uma isimo sinjalo, sisuke sidinga ukukhalipha nokufunda isimo komdlali okuyizinto ebesingenazo ke thina.
“Kodwa ke kusakhiwa. Ngeke sikwazi ukubhekisa phansi amakhanda. Sinomdlalo emahoreni angama-72.
“Kufanele sibuyele emuva kusasa, bese siphumula bese sibuyela emsebenzini futhi.
“Yebo, kumele sidlule ngokushesha kulokhu, kodwa ngiphoxekile kancane ngabadlali abathile,” kusho uTruter.
IRichards Bay izobhekana nomkhaya bayo baKwaZulu-Natal, AmaZulu FC eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ntambama.