EzintshaKaizer Chiefs

UZuke weluleka iChiefs ngokumele ikugweme ngo-Ox 

USandile Zuke, oyinkakha yeKaizer Chiefs, unxusa abaphathi baleli qembu ukuthi bangasheshi balilahle ithemba ngoSibongiseni “Ox” Mthethwa.

UMthethwa uke waba sematheni kuthiwa indawo yakhe iphelile kuleli qembu njengoba ebebukeka engekho ezinhlelweni zabaqeqeshi.

Ubengakaze adlale selokhu kwafika uNasreddine Nabi, okwenze kwaba nokungabaza ngekusasa lakhe.

Kodwa uZuke, owayaziwa ngelikaMbiza esadlala kuMakhosi, uthi uMthethwa usazokwenza lokhu akulandelwa kwiStellenbosch FC.

“Kumele bangalokothi bamdedele uMthethwa ngoba uzobanika lento abafunayo, nabamqashele yona,” kusho uZuke engxoxweni neLisenethini muva nje.

“Ngimbonile uMthethwa bedlala neMamelodi Sundowns kwiHome of Legends Cup, ngabona egoba isiqhwaga seSundowns uLucas Reberio Costa waseBrazil.

“Ngicabanga ukuthi uNasraddine Nabi uzombuka ngamehlo ahlukile manje, ambophele emdlalweni olandelayo.” 

Nebala kube ngathi uNabi umzwile uZuke njengoba uMthethwa eseqenjini eliqala umdlalo okokuqala kule sizini.

Uboshelwe njengoba iChiefs igadulisana neRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesithathu ebusuku. 

“Kunzima ukudlalela iKaizer Chiefs ngoba umbango wejezi mkhulu kubadlali nabaqeqeshi badinga imiphumela emihle,” kusho uZuke.

“Kuzomele asebenze ngokuphindiwe uMthethwa ngoba lokho kuzomsiza ukuthi uma ngabe ethola ijezi alibambisise.”  

UZuke waqala ukugqama ebholeni kwiChiefs, wadlulela kwiMpumalanga Black Aces, iGolden Arrows, neChippa United.