Uzishaya isifuba uRiveiro ngeBucs esingcono kakhulu
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uveze ukuziqhenya kakhulu ngeqembu lakhe ngemuva kokuthola amaphuzu amathathu e-Algeria kwiCaf Champions League.
Ukushaya amagoli amabili kukaMohau Nkota osemncane kwenze amaBhakabhaka anqoba ngo 2-1 kwiCR Belouizdad emdlalweni kaGroup C eStade Du 5 Juillet e-Algiers ngoLwesibili ebusuku.
Ekhuluma nabezindaba e-Algiers ngemuva komdlalo, uRiveiro uthe akajabulile nje kuphela ngomphumela, kodwa nangendlela abadlali bakhe abazisebenze ngayo bebhekene nembangi enamandla.
“Isiwombe sokuqala sibe sihle, hhayi umphumela kuphela kodwa ukuzinikela bekukuhle ngoba besiyiqembu elinesibindi namuhla.
“Size lapha ngenhloso yokwenza kahle kulo mqhudelwano. Sidlale neqembu elinamava, elinabadlali abancane nomqeqeshi onamava kulo mqhudelwano,” kusho uRiveiro.
“Ngicabanga ukuthi ngemuva kwale mizuzu engu-90 yezinselelo ezihlukene siyiqembu elingcono kakhulu kunangaphambili.
“Kungumphumela nokusebenza okungasisiza sikhule njengeqembu.
“Amaphuzu amathathu amnandi futhi lokho kuyindlela enhle yokuqala isigaba samaqoqo.
“Ngakho yebo, ngiyaziqhenya kakhulu ngabafana namhlanje,” kwengeza uRiveiro.
Ephawula ngalo mdlalo uqobo, uRiveiro uthe akazange abone sengathi iPirates izowashiya amaphuzu e-Algeria yize ike yacindezeleka.
“Ngesiwombe sesibili sidedele igoli elilodwa nje kuphela… Kodwa ngicabanga ukuthi sikwazile ukulawula umdlalo.
“Futhi sibanike isikhala ezinhlangothini kuphela. Angicabangi ukuthi sihlukumezeke kakhulu yize bebephethe ibhola ngesiwombe sesibili.
“Asizange sithole izikhathi zokuphefumula nokugcina ibhola ngokuba namaphasi ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili ukuze sikwazi ukulawula kancane.
“Kodwa leyo bekungeyona inhloso yethu (ukulahlekelwa ibhola), kungenxa yokuthi izimbangi beziphusha kanzima ngoba sezilandela ngemuva.”
IPirates izobhekana neziqhwaga zase-Egypt i-Al-Ahly emdlalweni olandelayo kaGroup C ekhaya e-Orlando Stadium.
Kodwa ngaphambi kwalokho izodlala neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership khona e-Orlando Stadium ngeSonto.