EzintshaKaizer Chiefs

UNabi akenelisekile ngezinga leChiefs yize inqobile

Wenze umzekelo ngezikhathi zoDoctor Khumalo nezoSiphiwe Tshabalala uNasreddine Nabi echaza ukuthi iKaizer Chiefs yakhe isaphekwa, futhi isekude ukuvuthwa.

Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo kulandela ukushaya kweChiefs iRichards Bay ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu. 

IChiefs ibe nezikhawu kulo mdlalo la idlale khona kahle, kodwa uNabi uthi akusho lutho lokho uma bengezukwenza njalo.

“Akunjalo. Akukalungi. Ukuthi sinqobile namuhla akusho ukuthi sekulungile,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“YiKaizer Chiefs le, izinga okumele ibe kulo liphezulu kakhulu. Ngicabanga ukuthi kuza kahle.

“Kunezikhathi ezinhle emdlalweni, kodwa uma singawubambi umgqigqo wazo akusho lutho. 

“Sisadinga ukusebenza kakhulu. Amaphuzu amathathu mahle ukufukula isimo somqondo eqenjini.”

IChiefs idlale isiwombe sesibili ingasaphelele kulandela ukukhishwa kukaReeve Frosler ngekhadi elibomvu.  

“Bekungelula ukudlala isiwombe sesibili ngabadlali abangu-10, kodwa kuhle ngoba sikwazile ukuqhubeka. Kodwa ngokwala sibheke khona, kusekude. 

“YiKaizer Chiefs le. Uyayikhumbula iKaizer Chiefs yaphambilini… O(Siphiwe) Shabalala, oDoctor Khumalo… 

“Yizinga eliphezulu lelo. Akukabi njalo kule yamanje,” kugcizelela uNabi.