Kuphoxe uFrosler iChiefs ivulela induku kwiRichards Bay
- Sibongiseni GUMBI
Isebenze kahle iKaizer Chiefs, yajabulisa abalandeli ishaya iRichards Bay ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
EzikaNasreddine Nabi zinqobe yize bese zingasaphelele, sezidlala ngabadlali abayishumi kulandela ukubhayiza kukaReeve Frosler.
UReeve Frosler ugcine ekhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukuthi ethole elesibili eliphuzi ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Elokuqala ulithole umdlalo usenemizuzu wesibili umdlalo uqalile, edlalisa kabi umdlali weRichards Bay kungenasidingo.
Nelesibili uzicelele nje. Ukhahlele umdlali weRich Boys esevele esewile, wamfaka unyawo ebusweni, wabe esekhonjwa ngaphandle.
Nokho lokho akuyithenanga amandla iChiefs njengoba ikwazile ukuvimba imizamo yeRichards Bay, yagcina ikwazile ukuthola igoli lesibili.
Liqhamuke ngemuva kobuchule bephasi ekhishwe uYusuf Maart, ebeka ibhola phambi kuka-Ashley Du Preez.
Lo mgadli uphenduke phambi kwezitobha zeRich Boyz, wazishiya zimangele eliphambanisa nonozinti obezama ukuzomvalela izikhala.
Elokuqala belingene esiwombe sokuqala lishaywa uWandile Duba, naye odle ngebhola elide ebeligotshwe uye uMaart.
Nokho uMaart uliyekile elakhe ithuba lokubhala igama kwabashaye amagoli, ehlulwa wukubhakuzisa inethi esebhekene nonozinti kuphela.
Ubephaselwe uDu Preez obedabule izitobha zeRich Boyz, zasala zikhubana zodwa, walibeka phambi kukaMaart kodwa lamhlula.
Elokubika ekhaya leRichards Bay lishaywe uYanela Mbuthuma sekusesikhathini esengezwe unompempe, kwasho khona ukuthi isikhathi asisavumi.
Lo mphumela unyusele iChiefs endaweni yesithupha kwilogi njengoba isinamaphuzu angu-10, emidlalweni eyisithupha.
KwiRichards Bay izinto zisemapeketwane njengoba isesendaweni ka-14, namaphuzu amahlanu emidlalweni eyisishiyagalombili.