Ibukwa kanjani eyeDowns neBucs kwiChampions League?
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates isibuyile esigabeni samaqoqo seCaf Champions League ngemuva kokunyamalala iminyaka emine.
IMamelodi Sundowns, ngakolunye uhlangothi, idlala kulesi sigaba okuka-10 iminyaka ilandelana.
Yomibili le midlalo izosakazwa bukhoma kuSABC+, SABC Sport nakuChannel 209 weSuperSport TV.
ISundowns ibheke ukuthoba amanxeba abalandeli ngemuva kokwehlulwa kowamanqamu weCarling Knockout Cup ibhekene neMagesi FC.
Leli qembu laseChloorkop likwazile ukungena esigabeni samaqoqo ngokunqoba ngo 8-0 sekuhlanganiswe imiphumela kwiMbabane Swallows ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Nokho kuzomele izibambe ziqine kwi-Union Saint-Gilloise yase-DRC.
Ayikaze ihlulwe emidlalweni yayo yokuqala eyisikhombisa yeligi futhi yiyo ezihola phambili kwi-DRC Ligue 1.
Umdlalo wayo ukhonjiswa bukhoma nakuSABC 2. IPirates yona ingene esigabeni samaqoqo ngokushaya iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 4-0 kweyokuhlunga.
Manje isiqala isigaba samaqoqo ngomdlalo wasekuhambeni la izobhekana khona neCR Belouizdad.
Lo mdlalo, abalandeli bakuleli ababheke ukubona uKhanyisa Mayo wakuleli edlala kwiBelouizdad, uzoqala ngo-9 ebusuku.
Wona uzovezwa bukhoma ku-SABC 1, Channel 209 (SuperSport TV) neSABC Sport +.
Le midlalo yokuqala ibalulekile kuwo womabili lamaqembu njengoba eqala isigaba esinzima seChampions League.