EzintshaOrlando Pirates

UMayo uxwayisa iPirates ‘ngempi’ ezoyifica kwiBelouizdad 

I-Orlando Pirates izoqala umkhankaso wayo esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngomdlalo osekuhambeni e-Algeria. 

Izobhekana neCR Belouizdad ngoNovemba 26, eStade du 5 Juillet 1962 emdlalweni wayo wokuqala. 

Leli qembu lase-Algeria lisanda kusayina umgadli wakuleli, uKhanyisa Mayo osecebise iPirates ngokumele ikulindele uma ifika kuleliya lizwe. 

Uthi phakathi kwezinye izinto, kumele ezikaJose Riveiro zilindele ‘uqinathambo’ njengoba e-Algeria kungancengwana. 

“Lana kudlalwa ngenye indlela, kumakwa indoda,” kusho uMayo kwiSoccerbeat Podcast yakamuva. 

“Emaqenjini esengike ngabhekana nawo lapha, ngiphawule ukuthi abadlali abakuthanda ukudayiva. 

“Kodwa uma uqhathanisa nebhola laseNingizimu Afrika, lana kuqina unyawo futhi uhlezi unomuntu okugadile.”

Uthe ebholeni laseNingizimu Afrika akusadlalwa indaba yokugada abagadli, kodwa sekuvalwa izikhala kanti e-Algeria basadla ngoludala. 

“Lapho (eNingizimu Afrika) unikwa isikhathi ebholeni, futhi kulandelwa kakhulu amacebo okudlala  esimanje. 

“Lapha e-Algeria awumi, uhamba nayo indoda enimakene nayo,” kuchaza lo mgadli obekwiCape Town City. 

“Iqembu engidlala kulo manje lithanda ukudlalela emuva, limake bese lihlasela lizumisa.

“Ngizithola ngimaka esikhathini esiningi, okuyinto ebengingayazi kwiCity.” 

IPirates izobe ibheke isiqalo esihle kulesi sigaba njengoba iseqoqweni elithanda ukuqina. 

Iqhathwe eqoqweni elineBelouizdad, i-Al Ahly neStade d’Abijan yase-Ivory Coast.