UBroos unqwahe nabo abeDowns yize edlala oyithofi
- Sibongiseni GUMBI
Abadlali beMamelodi Sundowns, abanomdlalo wamanqamu abazowudlala ezinsukwini ezimbalwa, ngeke bakhishwe kwiBafana Bafana.
Laba badlali, abayisishiyagalombili, ngeke bakhululwe yize umdlalo weBafana wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) neSouth Sudan uyithofi.
IBafana isivele ikwazile ukungena kulo mqhudelwano ozoba seMorocco, kanti izokwamukela iBright Stars eCape Town Stadium ngoLwesibili ngo 6 ebusuku.
Ezinsukwini ezine ukusuka lapho, abadlali beSundowns banomdlalo wamanqamu weCarling Knockout abazobhekana kuwo neMagesi FC ngoMgqibelo.
Bekubhekwe ukuthi umqeqeshi weBafana, uHugo Broos uzobaphumuza emdlalweni weSouth Sudan, abakhulule babuyele ekilabhini yabo.
AMasandawana anoRonwen Williams, uMothobi Mvala, uKhuliso Mudau, uThapelo Morena, uTeboho Mokoena, uBathusi Aubaas, u-Iqraam Rayners no-Aubrey Modiba kwiBafana.
Futhi bonke laba badlali bawumgogodla weqembu lesizwe kanti uBroos uthe ngeke alixegise iqembu elizobhekana neSouth Sudan.
Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi, useke waveza ukungeneliseki ngokuthi bazobhekana neMagesi ezinsukwini ezine ngemuva komdlalo wokugcina weBafana.
Ebuzwa ukuthi ngabe usecabangile yini ngokuphumuza abadlali beSundowns, uBroos uwusheshe wawuqeda lowo mbono.
“Abadlali beSundowns bangabadlali beBafana Bafana kuze kube ngemuva komdlalo wakusasa (ngoLwesibili).
“Futhi bahlala bengabadlali beBafana Bafana,” kusho uBroos etshela abezindaba eKapa.
Ebuzwa ukuthi kungenzeka yini anikeze abanye abadlali ithuba, uBroos ukhumbuze wonke umuntu ukuthi umdlalo neSouth Sudan akuwona owobungani.
UBroos uveze isifiso sabo sokuqeda beqhwakele kuGroup K, indawo abayibanga ne-Uganda.
“Uyazi ukuthi lona umbuzo engingakwazi ukuwuphendula,” kuqhuba uBroos.
“Okokuqala nje, ngifuna ukugcina bonke abadlali bami begqugquzelekile kusasa futhi okwesibili, ngeke nginikeze ulwazi ezitheni.
“Kuzodingeka ulinde kuze kube kusasa (ngoLwesibili) ngo 6 ebusuku.
“Uyazi ukuthi angithandi ukuthatha lo mdlalo njengomdlalo wobungani.
“Futhi uyazi uma uqala ukushintsha yonke into kuzoqalwa kuthiwe, ‘Bheka, ushintsha abadlali abayisithupha, abayisikhombisa.’ Angikufuni lokho.
“Engikushilo ekuqaleni, ngisho lokho. Sifuna ukuba phezulu eqoqweni futhi sizozama ukudlala ngeqembu lethu elingcono kakhulu kusasa enkundleni.”
IBafana ihamba phambili eqoqweni ngamaphuzu angu-11 kanti i-Uganda, ezobhekana neCongo ekuhambeni, ilandela iNingizimu Afrika ngephuzu elilodwa.