Bafana BafanaEzintsha

Ishiye bengadelile abalandeli iBafana ibhuqizisa iSouth Sudan

Abalandeli basale bekhalela amanye amagoli iBafana Bafana izigwazela ibhece kwiSouth Sudan eyishaye ngo 3-0 ngoLwesibili ebusuku.

Lona bekuwumdlalo wokugcina kweyokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBafana iqeda phezulu eqoqweni layo kule midlalo yokuhlunga njengoba iqede inamaphuzu angu-14.

Yiyona ne-Uganda abadlulele phambili kuGroup K. I-Uganda iqede endaweni yesibili. IBafana iqede imidlalo yokuhlunga ingazange ihlulwe. 

Igoli lokuqala lishaywe u-Iqraam Rayners ngomzuzu wesikhombisa, kwalandela elikaPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-22.

UTeboho Mokoena nguye oshaye elesithathu, eliqhamuke ngemuva kwephenathi evele ngokudlaliswa kabi kukaKhuliso Mudau esiwombeni sesibili. 

IBright Stars, okuyigama leqembu lesizwe laseSouth Sudan, ihubhe izithunzi umdlalo uqala waze wayophela. 

Okwenze igcine ingangenelwanga amagoli amaningi wukuthi esiwombeni sesibili ivele yayogqisha emuva, yakhohlwa indaba yokudlala.

Bese kucacile ukuthi beyisidlalela ukuvika ihlazo lokushaywa ngembudlu yamagoli futhi lokhu kuyisebenzele. 

Njengoba iBafana seyiyiqinisekisile indawo yayo kwi-Afcon, seyizogxila emkhankasweni wokungena kwiNdebe yoMhlaba ka-2026. 

Izobuyela enkundleni ngoMashi, isiyobhekana neLesotho kowokuhlungela iNdebe yoMhlaaba.