Bafana BafanaEzintsha

UMokwana nesinqumo esinzima ngekusasa lakhe kwi-Esperance

Umdlali weBafana Bafana u-Elias Mokwana kungenzeka azithole esekhululekile ukujoyina noma yiliphi iqembu maduze nje.

Iqembu lakhe lamanje, i-Esperance yaseTunisia, kubikwa ukuthi lephule imigomo yenkontileka yakhe.  

UMokwana ujoyine lezi zinkunzi zaseTunisia esuka kwiSekhukhune United ngo-Agasti. 

Imali okudayiselwene ngayo kubikaukuthi ngu-R7-million. 

Uqophe umlando njengomdlali webhola wokuqala waseNingizimu Afrika ukujoyina i-Esperance.  

Nokho, injabulo yakhe isisheshe yaphela. UMokwana usenezinyanga ezimbalwa engawutholi umholo wakhe. 

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usedlale imidlalo eyisishiyagalombili kuze kube manje kwi-Esperance. 

Ejoyina leli qembu, ubemagange ukudlala kwiCaf Champions League nakwiFifa Club World Cup.  

Ngaphambi kokujoyina i-Esperance, uMokwana ubemataniswa neKaizer Chiefs. 

Manje, kulindeleke ukuthi abe ngumdlali ongatholakala mahhala. Inkontileka yakhe kungenzeka inqanyulwe maduze.  

I-SABC Sport icaphune ummeli kaMokwana, uKabelo Mashigo eqinisekisa izinkinga zenkontileka yakhe.  

“Imininingwane iyimfihlo,” kusho uMashigo. “Kodwa ikilabhu yephule isivumelwano. 

“Sikhiphe isaziso sokuthi bayilungise. Behluleka ukwenza kanjalo. 

“Lokhu kushiye umdlalo engenakho okunye angakwenza ngaphandle kokwamukela ukuthi lokhu kwephulwa kwesivumelwano. 

“Okwamanje, ugxile emsebenzini wakhe eqenjini lesizwe. Ngemuva kwalokho, sizonquma ngezinyathelo ezilandelayo.”  

UMokwana udlalile kwiBafana ngesikhathi ishaya i-Uganda ngo 2-0 ekuhambeni ngoLwesihlanu ntambama.