IBafana ibingaludingi ‘ufefe’ lweSouth Sudan, kusho uBroos
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uveze umbono wokuthi iqembu lakhe belingadinge kwenzelwa umsebenzi walo yiSouth Sudan.
Ukhale ngabebehlekisa ngeBafana, bethi ingene ngopotsho kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
Lokhu bekulandela ukuthi iBafana yenzelwe ‘ufefe’ yiSouth Sudan ngokushaya iCongo-Brazzaville ngoLwesine ntambama.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBafana ne-Uganda yibo abadlulayo kuGroup K ngaphambi komdlalo wabo wangoLwesihlanu.
Yize beyisivele yazi ukuthi umphumela awusasho lutho, iBafana idlale kahle, yanqoba ngo 2-0 kwi-Uganda ukuze iqhwakele eqoqweni layo.
“Lokhu kunqoba kwethu kuvale imilomo kwabebesigxeka,” kusho uBroos. “Besiyifanele indawo yethu kwi-Afcon.”
Lo mqeqeshi uncome ukusebenza kweqembu lakhe, ikakhulukazi emdlalweni onzima wasekuhambeni.
I-Afcon ka-2025 izoba seMorocco. INingizimu Afrika izobe ibheke ukwenza kangcono kunangomqhudelwano odlule la iqede khona endaweni yesithathu.
“Ake sithi siyanqoba futhi ngoLwesibili oluzayo, ngicabanga ukuthi sizoba namaphuzu angu-14,” kuqhuba uBroos.
“Bekuneminye imidlalo ebesingayinqoba ngaphambi kwalona, ikakhulukazi owasekhaya sibhekene ne-Uganda.
“Bekubaluleke kakhulu ukunqoba lapha, ngoba sesifuna ukuqinisekisa ukuthi siyaqhwakela.
“Akekho manje ongathi singene ngenhlanhla njengoba abanye bebesho ngoLwesine ngemuva kokuhlulwa kweCongo, bethi iNingizimu Afrika inenhlanhla.
“Ngicabanga ukuthi sikhombisile namuhla ukuthi asiyidingi inhlanhla. Sikufakazele ukuthi singayinqoba imidlalo nokuthi sifanelwe wukungena kwi-Afcon.”
Yize seyikuvezile ukuthi ibingadinge kwenzelelwa yimiphumela yeminye imidlalo, uBroos usafuna baphinde banqobe emdlalweni wokugcina kweyokuhlunga.
IBafana izokwamukela iSouth Sudan eDHL Stadium eKapa ngoLwesibili kanti umdlalo uqala ngo-6 ntambama.
“Sizama ukunqoba kuyo yonke imidlaloesiyidlalayo, asidlali nje, sifuna ukuwina yonke imidlalo,” kwengeza yena.
“Futhi kubaluleke kakhulu eNingizimu Afrika, ukuthi sinqobe. Sizobe singenile, kodwa ngeke kusanelisa ukuqeda endaweni yesibili eqoqweni.
“Ngakho-ke, yingakho namuhla sizame ukunqoba lo mdlalo sibhekene ne-Uganda, futhi saphumelela.
“Besingahlulwa kulo mdlalo namuhla nangoLwesibili oluzayo, kodwa akukhona lokho esikufunayo. Sifuna ukunqoba yonke imidlalo.
“Bekungelula; besibhekene nembangi enzima (i-Uganda). Sizophinde silwe ngoLwesibili oluzayo ukuze sibe namaphuzu amathathu futhi.”