Usevuke ngomsebenzi omusha osanda ‘kuduba’ elePSL
- Sibongiseni GUMBI
Ushiye umsebenzi ngoba ekhala ngokukhathala emoyeni, nokudinga isikhathi sokuba nomndeni wakhe, kodwa usevumbuke kwelinye iqembu kungakapheli sikhathi esitheni.
Lowo nguSead Ramovic obeqeqesha iTS Galaxy, osevumbuke kwiYoung Africans yaseTanzania.
Umenyezelwe njengomqeqeshi waleli qembu ngemuva kokuxoshwa kukaMiguel Gammondi kulo leli sonto.
Eshiya kwiGalaxy, uRamovic wathi yena unesifiso sokudla izicoco kanti iGalaxy yona iyinkulisa yamanye amaqembu.
Wakhala ngokuthi wakha abadlali, kuthi sekumele asebenze ngabo ukudla izicoco, badayiswe.
Wathi lokhu kumthene amandla, wabe esecela kubaphathi ukuthi akhululwe njengoba manje esevuke ngomsebenzi omusha.
“Nginesifiso sokuncintisana ezingeni eliphezulu, futhi ngifuna ukubona ukuthi le ntshisekelo yami izongithatha ingibeke kuphi,” washo kanje.
“Ukushiya kwami kwiGalaxy akungoba kukhona engingenelisekile ngakho, kodwa kungenxa yentshisekelo enginayo engifuna ukuyilandela.”
KwiYanga uzoyithola impela le nselelo ayifunayo njengoba leli qembu laziwa ngokudla izindebe eTanzania.