EzintshaKaizer Chiefs

UKhune uphawula ngonozinti beChiefs bamanje

Kubukeka kungelula kwiKaizer Chiefs ukuthola unozinti ozovala isikhala sika-Itumeleng Khune ezintini. 

Selokhu lo nozinti, osekhululiwe kuleli qembu, ehlelwa yifomu eminyakeni emine edlule, iChiefs isizame onozinti abehlukene ukuvala isikhala sakhe, kwaba nhlanga zimuka nomoya. 

Phela uKhune uvimbe ngempumelelo iminyaka cishe engu-15 kwiChiefs, eyisethenjwa ngisho nakwiBafana Bafana. 

Kodwa manje sekusele inkinga kuMakhosi njengoba onozinti abakhona bengagculisi, benza amaphutha enza kukhunjulwe uKhune njalo.

“Kumele sibahloniphe. Ukudlalela iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs akulula neze,” ucashunwe esho kanje uKhune kwi-iDiski Times

“Uyaye uzwe nezinkakha ezingaphambi kwethu zikusho lokhu. Zithi ijezi leChiefs liyesinda futhi akulona elanoma ubani. 

“Akuyona imfihlo ukuthi akuyena wonke umdlali ofanelwe ukudlala kwiKaizer Chiefs,” kuqhuba uKhune.

Uthi onozinti abakhona njengamanje kumele bakhohlwe nguye nokuthi kambe bavala isikhala sakhe, bagxile ekwenzeni umsebenzi ngendlela yabo. 

“Labo nozinti abakhona manje, ngicabanga ukuthi banakho okudingekayo ukuphumelela kwiKaizer Chiefs.

“Bona kumele bangayinaki eyokuthi bavala isikhala sikabani, bagxile ekusizeni iqembu ukuya phambili.” 

Onozinti beChiefs njengamanje oFiacre Ntwari, uBrandon Petersen, uBruce Bvuma noBontle Molefe. 

Okwamanje uNasreddine Nabi usathembele kuNtwari kodwa uthole ukugxekwa kakhulu emdlalweni wakamuva bebhekene neMamelodi Sundowns.

Wangenelwa amagoli amane kulo mdlalo kanti indlela amudla ngayo amanye awo ayibagculisanga abalandeli nabahlaziyi.