Ugeze igama uMaswanganyi iBafana ibukisa nge-Uganda
- Sibongiseni GUMBI
UPatrick Maswanganyi ukhombise ukuthi angaba yilo mdlali uHugo Broos acabanga ukuthi unguye kwiBafana Bafana.
Lo mdlali wasesiswini uzithole egxekwa kakhulu ngemuva komdlalo wokugcina weBafana kulandela ukuhluleka ukusiza iqembu liphathe umdlalo.
Wayengene esuka ebhentshini iBafana ibhekene neSouth Sudan emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngenyanga edlule.
Kodwa ngoLwesihlanu ungene wawenza umehluko njengoba eshaye igoli elivele layiqeda amandla i-Uganda, umdlalo waphela ngo 2-0 kunqoba iBafana.
UThapelo Morena nguye oshaye igoli lokuqala leBafana ngomzuzu ka-49, uMaswanganyi washayela isipikili sokugcina kusele umzuzu umdlalo uphele.
Lo mphumela uthathe iBafana wayibeka phezulu kuGroup K kule midlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2025 ezoba seMorocco.
IBafana ingene enkundleni seyazi ukuthi seyivele ingenile kulo mqhudelwano kulandela ukuhlulwa kweCongo-Brazzaville ngoLwesine.
Nokho ayizange izithele ngamanzi abandayo, njengoba idlalise okweqembu elikufuna ngampela ukunqoba zisuka nje.
Yize onozinti bebeziphumulele ngesiwombe sokuqala, kodwa izinto zijikile esiwombeni sesibili, iBafana yakwazi uukuthola amagoli amabili, yanqoba umdlalo.
IBafana seyizoqedela eyokuhlunga ngoLwesibili eDHL Stadium, eKapa seyibhekene neSouth Sudan.
I-Uganda yona izovala ngeCongo-Brazzaville ekuhambeni ngawo uLwesibili. Izobe isalwela ukuqeda phezulu nayo njengoba seyingenile vele kwi-Afcon.