Isikhulu seSafa ‘sithi gede’ indaba yoRibeiro kwiBafana
- Alfred NGUBANE
UMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa eThekwini Region uthi kungudelela isizwe ukuthi kuze kucatshangwe ukufaka abadlali bangaphandle eqenjini lesizwe.
Ubephawula kulandela isiphakamiso sokuthi kumele kuntshontshwe umdlali weMamelodi Sundonws, uLucas Reberio Costa afakwe kwiBafana Bafana.
Lesi siphakamiso senziwe njengoba lo mdlali esekhombise ukuba sezingeni elihle selokhu efikile kwiSundowns ngesizini edlule.
Naye ukuvezile ukuthi ngeke anqabe uma kungathiwa uyafuneka kwiBafana.
Kodwa manje uMkhize ubona kungaba idicilelwa phansi yonke imizamo yokuthuthukisa ibhola kuleli uma sekupikwa abangaphandle.
“Abadlali baningi kabi lapha eNingizimu Afrika,” usho kanje uMkhize engxoxweni abe nayo neLisenethini.
“Sinenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu abafana noRelebohile Mofokeng, Thalente Mbatha, Mfundo Vilakazi, nabanye…”
UMkhize ubekhuluma neLisenethini emcimbini wokuqhathwa kwamaqembu kaUnder 15 weHollywoodbets Siyakhula Cup eHollywood Kings Park Stadium, eThekwini.
Omunye umdlali wangaphandle okuke kwanesiphakamiso sokuthi afakwe kwiBafana uGaston Sirino osedlala kwiKaizer Chiefs.
Nokho umqeqeshi weBafana, uHugo Broos umchithile, wathi iminyaka isiyamphika futhi akalona uhlobo lomdlali amfunayo eqenjini lakhe njengamanje.
UMkhize uthe kumele ngabe kukhulunywa indaba yokuthi bathakwa kanjani kwiBafana laba bafana abancane abakhombisa ukuza kahle kule sizini kwiBetway Premiership.