Halala Bafana! Siyaya eMorocco! Isingenile kwi-Afcon
- Intatheli yeLISENETHINI
IBafana Bafana isingenile kwiCaf Africa Cup of Nations okwesibili kulandelana yize ingakayiqedi imidlalo yayo yokuhlunga.
Lokhu kulandela ukuthi iCongo Brazzaville ihlulekile ukushaya iSouth Sudan eJuba Stadium ngoLwesine ntambama.
ICongo-Brazzaville iyona ebingakhuba iBafana, kodwa kuvele kwayibhedela kakhulu ishaywa yiSouth Sudan ngo 3-2.
IBafana kumanje ise-Uganda la iyobhekana khona ne-Cranes emdlalweni osufana nethofi.
Njengoba iCongo ihluliwe ngoLwesine, manje isingakwazi ukufinyelela emaphuzwini ayisikhombisa kuphela.
Lokhu kusho ukuthi ngeke isakwazi ukuyifica iBafana enayisishiyagalombili futhi esendaweni yesibili kuGroup K ngemuva kwe-Uganda.
UBroos ubethembise abalandeli bakuleli ukuthi uma iBafana ingangenanga kulo mqhudelwano ozoba seMorocco, uzosula esikhundleni sakhe.
Kodwa manje kuyacaca ukuthi asisekho isidingo salokho, kodwa manje sekusele ilwele ukuthi
Izobhekana ne-Uganda eMandela National Stadium eKampala ngoLwesihlanu ntambama, bes eibuya kuleli izobhekana neSouth Sudan e-DHL Stadium eKapa ngoLwesibili.