Bafana BafanaEzintsha

Halala Bafana! Siyaya eMorocco! Isingenile kwi-Afcon

IBafana Bafana isingenile kwiCaf Africa Cup of Nations okwesibili kulandelana yize ingakayiqedi imidlalo yayo yokuhlunga. 

Lokhu kulandela ukuthi iCongo Brazzaville ihlulekile ukushaya iSouth Sudan eJuba Stadium ngoLwesine ntambama.

ICongo-Brazzaville iyona ebingakhuba iBafana, kodwa kuvele kwayibhedela kakhulu ishaywa yiSouth Sudan ngo 3-2. 

IBafana kumanje ise-Uganda la iyobhekana khona ne-Cranes emdlalweni osufana nethofi.

Njengoba iCongo ihluliwe ngoLwesine, manje isingakwazi ukufinyelela emaphuzwini ayisikhombisa kuphela.

Lokhu kusho ukuthi ngeke isakwazi ukuyifica iBafana enayisishiyagalombili futhi esendaweni yesibili kuGroup K ngemuva kwe-Uganda. 

UBroos ubethembise abalandeli bakuleli ukuthi uma iBafana ingangenanga kulo mqhudelwano ozoba seMorocco, uzosula esikhundleni sakhe.

Kodwa manje kuyacaca ukuthi asisekho isidingo salokho, kodwa manje sekusele ilwele ukuthi 

Izobhekana ne-Uganda eMandela National Stadium eKampala ngoLwesihlanu ntambama, bes eibuya kuleli izobhekana neSouth Sudan e-DHL Stadium eKapa ngoLwesibili.