Bafana BafanaEzintsha

UMakgopa uzolwela ukungamphoxi uBroos kwiBafana

U-Evidence Makgopa ujabulile ngokubuyela kwakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana. 

Ngemuva kokuphutha amakhempu ambalwa edlule eBafana ngenxa yokulimala, lo mgadli usebuye ngamandla futhi ezimisele. 

Ukungabi bikho kwakhe kubonakalile, futhi umqeqeshi uHugo Broos akazange asabe ukukuveza ukuthi umthanda kangakanani. 

“Ukubuya kukaMakgopa kusinikeza amandla engeziwe phambili,” kusho uBroos, egcizelela ukubaluleka komgadli onethambo ezinhlelweni zakhe.  

UMakgopa umagange ukubuyisela lokhu kwethenjwa ngokwenza kahle eqenjini. Ubuye ngesikhathi esikahle kuBroos elinyalelwe uLyle Foster.

“Awufuni ukudumaza umuntu okholelwa kuwe,” kusho uMakgopa kwabezindaba. 

“Into ongayenza wukuziphusha. Uma umqeqeshi ekunika ithuba kumele ulibambe bese ulisebenzisa.” 

Amazwi akhe akhombisa umdlali okwazi ngokugcwele okulindelwe kuyena.  

Imidlalo yakamuva yalo mgadli ifakazela ukuzimisela kwakhe. 

Ukuba khona kwakhe kwengeza amandla ezindleleni zokuhlasela kwiBafana, okuhlanganisa umzimba neso elibukhali epalini.  

Kwi-Orlando Pirates, uMakgopa useyawuthola kancane umgqigqo wakhe. 

Kule sizini, usedlale imidlalo eyisithupha, wabhakuzisa inethi amahlandla amane.

I-Pirates ithembele ekhonweni lakhe lokukwazi ukugcina ibhola, avulele ozakwabo izikhala zokuhlasela, bashaye namagoli uma kuvuma isimo. 

Amagalelo akhe abe emqoka ekusizeni leli qembu ukuthi libe phambili kukho kokubili iligi nasemidlaweni yomkhumulajezi.  

Njengoba eseluleme kahle futhi esesimweni esihle nangokomqondo, uMakgopa ukulungele ukufaka isandla kwiBafana nakwiBucs.

Bobabili iBafana nePirates bathembele efomini yakhe njengoba benezinto abazibekele ukuzizuza kulezi zinyanga ezizayo. 

IBafana ibheke ukungena kwiCaf Africa Cup of Nations ezoba seMorocco, nezoqala ngoDisemba.