AmaZuluEzintsha

UCarnell uveza iqembu afisa ukulicija kwiPSL

UBradley Carnell, obengumqeqesi weSt Louis City kwi-US Major League uthi uzothatha isikhathi sakhe ukwamukela omunye umsebenzi wokuqeqesha. 

Uthi kuye kubalulekile ukuthi kube yiqembu elifanele, nesikhathi futhi sivume ngoba akafuni ukuzithola esemsebenzini ozomgqilaza kungafanele. 

UCarnell kuvela ukuthi ubengomunye wabekubhekwa kubo ngesikhathi AmaZulu FC efuna umqeqeshi kulandela ukuxoshwa kukaPablo Martin. 

“Akhona amaqembu aseke avela. Zikhona izingxoxo esezike saba khona namaqembu ehlukene,” kusho uCarnell kwabeFARPost.

“Ngeke ngithi kukhona obekusetafuleni naMaZulu noma cha. Kodwa kimi kuncike esikhathini… 

“Kumele ngithole iqembu elifanele, ngesikhathi esifanele. 

“Ngakho kumele ngiqinisekise ukuthi yiqembu elihambisanayo nami ngoba nginendlela ehlukile yokuqeqesha.” 

Uthi Usuthu yilona iqembu elingahambisana kahle nesitayela sakhe ngoba linomuzwa wokufuna ukukulwela ukunqoba ngaso sonke isikhathi. 

“Kumele ngilibheke ngokucophelela iqembu engizolicija ukuze ngibone ukuthi liyahambisana yini nami ngokwesitayela nom cha. 

“Ngicabanga ukuthi AmaZulu ahamba phambili kimi  ngoba anendlela ehlukile, nomqondo wokulwela imiphumela. 

“Bekuzoba yiqembu elihambisana kahle nami, kodwa mhlawumbe bekungesona isikhathi esifanele. 

“Angisho ukuthi ngeke kwenzeke esikhathini esizayo,” kusho uCarnell owazakhela igama kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana esengumdlali.

Kuleli uCarnell uqeqeshe kwiFree State Stars, wase eba yiphini likaMuhsin Ertugral ngesikhathi ecija i-Orlando Pirates ngaphambi kokudlulela e-US.