Okuzokwenza uBroos abophe imithwalo abuyele kwelakubo
- Intatheli yeLISENETHINI
UHugo Broos, ongumqeqeshi weBafana Bafana, uthi uzophuma enkundleni alibhekise ngqo kwelakubo uma ehlulwe kule midlalo emibili ezayo.
IBafana inemidlalo emibili – ngoNovemba 15 nangoNovemba 19 – kanti idinga ukunqoba owodwa kuyo ukuzibekisela indawo kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon).
NgoLwesihlanu, iBafana izobhekana ne-Uganda ekuhambeni. NgoNovemba 19 izobhekana neSouth Sudan eKapa, eDHL Stadium.
EzikaBroos zikuGroup K kanti zisendaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalombili, zilandela i-Uganda ngamabili ngemuva kwemidlalo emine.
Ixinwe yiCongo Brazzaville enamaphuzu amane, kodwa engaqeda inayishumi uma inqoba kwiSouth Sudan ne-Uganda.
Okwe-Uganda kulula kakhulu, idinga iphuzu elilodwa nje vo kule midlalo emibili neBafana neCongo ukuze iqinisekise indawo yayo.
IBafana yona idinga amaphuzu amathathu. Kumele inqobe owodwa kowe-Uganda noweSouth Sudan.
Manje uBroos uthi uma bengahlulwa kuyo yomibili le midlalo, engavele abone ukuthi ayikho lento yakhe, abophe imithwalo yakhe abuyele kwelakubo.
“Uma sihlulwa kuyo yomibili imidlalo, emizuzwini emihlanu ngemuva komdlalo, ngizobe ngisendizeni ngibheke eBelgium.
“Lokho ngingakuqinisekisa,” kusho uBroos, odabuka eBelgium ngoMsombuluko njengoba iqembu lakhe belihlangana ukulungiselela le midlalo.
“Kulungile, kuzoba nzima kwi-Uganda ekuhambeni. Kodwa ekhaya sibhekene neSouth Sudan, sahlulwa ngiyahamba futhi ngeke niphinde ningibone.”