DStv Premiership

Kuzoshiyana umshefezo, kusho uSithebe weRichards Bay

USiyethemba Sithebe, ongumdlali waseswini weRichard Bay FC, ubona kukuhle ukuthi akekho ongcono phakathi kwabo neMagesi FC abazobhekana nayo koweCarling Knockout. 

Lamaqembu azokhiphana inkani eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo emdlalweni owandulela owamanqamu kule ndebe. 

USithebe ubona lo mdlalo unzima kuwo womabili lamaqembu, futhi unganqotshwa noma yiliphi kuncike ekutheni yiliphi elizozimisela ngosuku lomdlalo. 

“Umdlalo wethu neMagesi uzoba ngumdlalo onzima kakhulu kumaqembu womabili ngoba azimisele kakhulu,” kusho uSithebe.

“Lokho ngikusho ngoba banabadlali abanesipiliyoni abanjengoDeonil Mekoa, u-Edmore Chirambandare, uSamuel Darpoh, u-Elvis Chiphezeze, noLimbikani Mzava.

“Kuzomele sibampintshele ekhoneni ukuze sibashaye kahle ngoba sebekhombisile ukuthi bayingozi emdlalweni embili edlule.”

USithebe ugabe ngesipiliyoni sokudlala emidlalweni wamanqamu kwiMTN8 neCosafa Cup ngesikhathi esengumdlali waMaZulu FC.

Kubadlali ekulindeleke ukuthi basize iRichards Bay, singabala yena uSithebe, uTlakusani Mthethwa, uYonela Mbuthuma, noSomalia Nsundwana.