URibeiro uphawula ngangakwenza uma engaqokwa kwiBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali weMamelodi Sundowns odabuka eBrazil, uLucas Ribeiro uthi engavuma uma engacelwa ukuthi adlale kwiBafana Bafana ngokuzayo.
Nokho okwamanje, lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala akakufanelekeli ukudlalela iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, yize engakazwe adlale kwelangakubo.
Ukuze uRibeiro afanelekele ukukhethwa kwiBafana, phakathi kwezinye izinto, uzodinga ukuhlala kuleli okungenani iminyaka emihlanu.
“Ngeshwa, ngalesi sikhathi angikasitholi isicelo sokudlalela iBafana kodwa kungaba yintokozo lokho,” uphendule kanje ebuzwa ukuthi engavuma yini.
“Hhayi nje ngoba ngidlala eNingizimu Afrika kodwa neqembu lesizwe nalo lenza kahle, lidlala ezingeni eliphezulu… nangenxa yokuthi iBafana inabadlali abaningi abadlalela iSundowns.
“Ukube ithuba belizovela, bekungaba kuhle ngoba ngicabanga ukuthi ngingasheshe ngijwayele futhi ngisize iqembu lesizwe.
“Uma kwenzeka leso sicelo sifika, kungaba kuhle kakhulu kodwa okwamanje akukho okukhona.”
URibeiro uyavuma ukuthi kungaba nzima kuyena ukudlalela izwe azalelwa kulo elidle ngabadlali abadlala kumaligi aphezulu emhlabeni jikelele.
KwiBrazil, uRibeiro, osenyakeni wakhe wesibili kuleli, ubanga indawo nezihlabani zeReal Madrid uVinicius Jr noRodrygo.
“Umbono wokudlalela iqembu lesizwe uyindaba ehlukile futhi enzima ngoba izinga labadlali abadlala eqenjini lesizwe laseBrazil liphezulu kakhulu,” kuvuma uRibeiro.
“Uma umuntu ethola ithuba, kungaba yithuba elishintsha impilo. Ukusuka lapho ngikhona, ngijabulela izinga nokudlala ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngidlala ngenjabulo okuyinto ebaluleke kakhulu kunoma yimuphi umdlali.
“Ngiyajabula ukuba kuleli zinga futhi ngibonise ikhwalithi yami. Usizo lozakwethu nezeluleko abanginika zona nakho kudlala indima enkulu.
“Uma kukhulunywa ngeqembu lesizwe (laseBrazil), kungaba yimpumelelo enkulu leyo.”
URibeiro ujoyine iSundowns esuka ekilabhini yesigaba sesibili saseBelgium i-SK Beveren ngaphambi kwesizini ka-2023-2024.
Ufike washeshe wazakhela igama ngesizini yakhe yokuqala eshaya amagoli ang-20 emidlalweni engu-37 emiqhudelwaneni ehlukene.