Ngabe selimshonele uTau kwiBafana? UBroos uyaphendula
- Sibongiseni GUMBI
Kubukeka selimshonele uPercy Tau kwiBafana Bafana njengoba ephinde wasala ngaphandle esikwatini sakamuva sikaHugo Broos.
Lo mgadli, oneminyaka engu-30, ubengekho ekhempini edlule, kanti kwavela ukuthi uzicelele yena ukuthi ashiywe ngoba engekho esimweni esifanele.
NgoLwesine, ngesikhathi uBroos ememezela isikwati sakhe sakamuva, igama likaTau alizange livele.
Nokho usechazile ke manje uBroos ukuthi kungani emshiye ngaphandle lo mgadli, esola isimo sakhe kwi-Al Ahly.
“Uyazi uPercy Tau akasadlali muva nje. Usehlezi esebhentshini,” usho kanje lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
“Ngasho ezinyangeni ezimbili ezidlule ukuthi isimo sakhe kwi-Al Ahly asisesihle neze. Bebefuna ukumdayisa.
‘Bese kuba nalaba abamgxeka ezinkundleni zokuxhumana, bengajabule ngendlela adlala ngayo kwiBafana Bafana.”
UTau wasolwa kakhulu ngemuva kweCaf Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast ngokuthi akadlalanga ngendlela elindeleke kuye.
Kulo mqhudelwano uTau wavele wasindeka nje, wagcina eseshweba ngisho amaphenathi, kwacaca ifomu yakhe isamdukele.
Kubukeka engakayitholi kuze kube manje njengoba noBroos eseze wakhetha ukumshiya ngaphandle eqenjini lakhe.
“Angicabangi ukuthi isikhathi esihle lesi ukuthi uPercy abuye kwiBafana kodwa lokho akusho ukuthi ngeke aphinde abuye.
“Ngethemba ukuthi uzoshintsha ikilabhu akuyo. Ngifisa abe seqenjini elizomnika isimo esingcono ukuze akwazi ukudlala ngale ndlela esiyibheke kuye.”