Lihle ikusasa, abaqeqeshi sebeqalile ukubuka ikusasa
- Intatheli yeLISENETHINI
Ukuvela kwethalente elisha kwiBetway Premiership kwenza iNingizimu Afrika ibe nethemba ngekusasa eliqhakazile ebholeni.
Lokhu kungenxa yokuthi bayanda abafana abancane asebengena emaqenjini amakhulu, ikakhulukazi emaqenjini amathathu amakhulu kuleli.
Njengamanje, i-Orlando Pirates izishaya isifuba ngabafana ababili abadlala ibhola elithembisayo: uRelebohile Mofokeng (20) noMohau Nkota (19).
UMofokeng uyiqale kahle isizini, kanti usedlale imidlalo engu-15 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amane, wakha amahlanu.
UNkota, osanda kwenyuselwa eqenjini elikhulu kwiPirates, usedlale imidlalo eyisithupha futhi usefake isandla ngamagoli amabili.
KwiKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi (18) noMduduzi Shabalala (20) bahlabe umxhwele ngendlela efanayo.
UVilakazi usedonse amehlo omqeqeshi uNasreddine Nabi, kanti usedlale imidlalo eyisikhombisa kuze kube manje.
Washaya igoli emdlalweni wokuqala wesizini bebhekene neMarumo Gallants.
UShabalala, osehlale isikhathi eside eyingxenye yeqembu lokuqala leChiefs, useshaye amagoli amathathu, wakha amabili emidlalweni eyisikhombisa.
Lokhu kukhomba ukuthi uwusizo olukhulu kwiGlamour Boys kule sizini.
IMamelodi Sundowns nayo inabo abafana abancane kanti osagqame kunabo bonke okwamanje uKutlwano Letlhaku (18).
Muva nje, ushaye igoli bebhekene nePolokwane City, okwenze wafinyelela kumagoli amathathu emidlalweni eyisikhombisa.
UManqoba Mngqithi ubukeka ezobanika ithuba abafana abancane njengoba kubonakalile ngoLwesithathu nasemuva edlalisa uMalibongwe Khoza (20).
Kukhona noSiyabonga Mabena (17) eqenjini lakhe. Baningi ke nabanye emaqenjini afana neRichards Bay neStellenbosch FC.