Kuse ngokunye koweChiefs ohubhe unompempe eboshwa
- Intatheli yeLISENETHINI
Umlandeli weKaizer Chiefs, owaziwa ngelikaMashonisa, ogulukudele enkundleni eFNB Stadium, wahubha unompempe, usexolisile ngesenzo sakhe.
Ngemuva kokuvela kwakhe enkantolo ekuqaleni kwesonto, uMashonisa usezwakalise ukuzisola futhi wavuma umthelela omubi wokuziphatha kwakhe.
Lo mlandeli ungomunye wabahlulwa wukuziphatha, bangena enkundleni ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto.
IChiefs isigxeke kakhulu isenzo sabo, yathi izosiza ukuqinisekisa ukuthi babhekana nomthetho futhi ngeke baphinde bavunyelwe ukuzoyibuka bukhoma.
“Ngithanda ukuxolisa kuwo wonke umuntu osebholeni ngesenzo sami, futhi ngiyazisola ngokugcwele ngengikwenzile,” ucashunwe esho kanje.
“Yebo, iChiefs kwesinye isikhathi ingasidumaza njengabalandeli, kodwa iqiniso wukuthi akumina ngedwa ophoxekayo.
“Cishe ingxenye yezwe iyadumala uma iqembu lingenzi kahle enkundleni,” kuqhuba uMashonisa.
“Ngiphatheke kabi njengamanje, bekufanele ngilawule imizwa yami futhi ngikhumbule ukuthi akumina ngedwa othintekayo ngokwenzeka enkundleni.
“Ngiyaxolisa kakhulu ngesenzo sami, njengoba okwenzekile nakho kubeke engcupheni umsebenzi wami.
“Ngiphinde ngalahlekisela umndeni wami kakhulu ngento engiyenzile…” Ubekhuluma ngemuva kokukhululwa esiteshini samaphoyisa saseBooysens.
Ubegcinwe lapho kulesi siteshi kusukela ngoMgqibelo. Le nsizwa eneminyaka engu-42 ubudala yase-Ogies eMpumalanga, eyaziwa ngelikaMashonisa, iboshiwe ngemuva kokungena enkundleni ihlasela unompempe uLuxolo Badi.