Uxwayisa iChiefs ngengozi eyilengelayo ngoNabi
- Alfred NGUBANE
UMuhsin Ertugral, owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, useveze ukuthi uyamdabukela uNasraddine Nabi.
UNabi nguye umqeqeshi wakamuva onikwe umsebenzi wokuvuselela leli qembu ebelingacushwa ezindebeni eminyakeni edlule.
Kodwa manje seliphenduke isisulu samahlaya abalandeli bamanye amaqembu njengoba iminyaka icela eshumini lagcina ukunqoba indebe.
Manje u-Ertugral, owanqoba izindebe ezimbalwa ngesikhathi ecija leli qembu laseNaturena, uyamzwela uNabi.
Lokhu ukuveze ngesikhathi elumana indlebe neLisenethini kuleli sonto, ethi kusazomele abhukule emakethe uma kungukuthi uzophumelela kulo msebenzi.
“UNabi kuzomele athenge abadlali okungenani abayisithupha abanohlonzo uma ngabe efuna ukuhlala kwiKaizer Chiefs,” kusho u-Ertugral.
Uthe nabaphathi kuzomele bamthengele abadlali abafunayo uma bengafuni ukuzithola esimweni la ezovele abalaxaze bengazelele.
“Uma ngabe bengamthengeli abadlali, uNasraddine Nabi uzohamba, yizwa mina, ngiyakutshela…
“Abaqeqeshi banawo amaqhinga okulaxaza umsebenzi uma usinda. Uvele abike isizathu sokuthi ugulelwa ngunkosikazi noma ingane ekhaya.”
UMshini, okuyigama lo mqeqeshi aqanjwa lona efika kuleli, naye ukhale esifanayo nabalandeli baleli qembu.
Usola amanye amaqembu ePSL ngokuhudula izinyawo nokufuna imali engakhoneki uma kuyiChiefs efuna ukudayiselwa umdlali.
“Mina ngibona iKaizer Chiefs idinga abadlali abangcono ngoba ilokhu ibika izifo eziningi kakhulu ngalaba abakhona eqenjini njengamanje.
“Kodwa manje into ebuhlungu ngeKaizer Chiefs wukuthi amanhye amaqembu adlala kwiPSL awafuni ukuyithengisela abadlali abanohlonzo.
“Babadulisa ngamabomu uma kuke kwavela iChiefs. Lokhu sekuyilimaze kakhulu iKaizer Chiefs ngoba manje ayikwazi ukuthola abadlali ebadingayo.”
Isixazululo sale nkinga pho kungaba yini? UMshini uthi kuzomele uNabi aphumele ngaphandle kwakuleli.
“Umqeqeshi uNabi ngibona ukuthi kuzomsiza ukuthi axoxisane neYoung Africans ngabadlali abathathu.
“Abese abanye ababheke eSouth America, lapho ngicabanga ukuthi uzobathola labadlali abadingayo.
“Nabaphathi beKaizer Chiefs kuzomele bamlekelele uNabi, bengesabi nemali manje ngoba bazibonele iMamelodi Sundowns ibaphenqa izinqe.
“Wonke umuntu ukuthi akukho lutho laphaya, kusadingeka abadlali bangempela,” kusho u-Ertugral.