URiveiro uphawula ngokwenza uMofokeng ahluke
- Sibongiseni GUMBI
URelebohile Mofokeng uya ngokukhula futhi akungabazeki ukuthi ubheke kude ngebhola lakhe.
Manje umqeqeshi wakhe kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro usegcine evumile ukuphawula ngokukhula kwalo mdlali.
UMofokeng, oneminyaka engu-20, usengomunye wabadlali uRiveiro athembele kubo kwiPirates.
Usengenile naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana la afike wanikwa khona uNombolo 10, ngokwesiphakamiso sozakwabo.
URiveiro, ovamise ukunqaba ukuphawula ngabadlali ngayedwana ngesizathu sokuthi kuye bonke bayalingana, ugcine evumile ukukwenza lokho.
“Indlela adlala ngayo uRelebohile, isezingeni eliphezulu njengamanje,” kusho uRiveiro.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neRichards Bay e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
IPirates iwunqobe ngo 1-0 lo mdlalo ukuze iqhube irekhodi layo lokunqoba yonke imidlalo yeligi kule sizini.
“Njengabo bonke abadlali eqenjini njengamanje, bayazethemba ukuthi badlale ibhola labo nokuthi bazibonakalise.
“Uma unethalente owazalwa nalo, kumele uthole umqeqeshi ozokunika uhlaka namacebo okuthi kunini la kumele uzibonakalise khona ngokuveza ikhono lakho.
“Ukuzethemba komdlali kwenziwa wukunikwa ithuba lokudlala njalo, nokuvunyelwa ukuzithathela izinqumo enkundleni.
“Esimweni sethu eqenjini, wonke umdlali unekhono elifanele ukwenza umsebenzi abekelwe wona nokugqilaza izitha, uRele ngomunye walabo badlali.”
Ube eseveza izinto abadlali abasebancane njengoMofokeng okumele bazenze ukuqinisekisa ukukhula ebholeni.
“Uma ubheka iminyaka akuyo… ikusasa ngelakhe. Kuningi abhekene nakho, kodwa abadlali abasebancane kumele balawule izinto abazenzayo.
“Kumele bakhumbule ukuthi bangabadlali abakhokhelwayo, bazinikele emsebenzini wabo ngoba ibhola kulezi zinsuku lifuna wazi ukuthi ungumdlali amahora angu-24 ngosuku.
“Akugcini nje esikhathini abasichitha nathi ejimini, kudlulela ngale kwalokho.
“Ngicabanga ukuthi lokho yinto ebalulekile kulaba badlali abasebancane ukuthi badlondlobale.
“URelebohile ngomunye walabo. Wenza konke okusemandleni akhe ukuze abe ngcono.
“Yonke into incike ekutheni uthole bese usebenzisa ithuba. Nenhlese yenhlanhla iyasiza kodwa ekugcineni kwakho konke, ibhola lizokunika lokho okusebenzelile.”