EzintshaOrlando Pirates

Okwenza uMonyane abe nethemba ngePirates koweligi

UThabiso Monyane, oyisitobha se-Orlando Pirates, ubona leli qembu lingakwazi ukubamba umgqigqo walo isizini yonke, limuke nesicoco seligi.

IPirates iwuqale ngomgqigqo omuhle umjaho wesicoco seBetway Premiership njengoba ingakehlulwa emidlalweni eyisikhombisa. 

Yiyo ezihola phambili, kodwa kunabasangabaza ukuthi inawo yini amandla okubamba umgqigqo ofanayo kuze kube sekugcineni. 

Phela ibhekwe ukuthi iqede umbuso weminyaka eyisikhombisa weMamelodi Sundowns kwiligi yakuleli.

IPirates iqophe irekhodi njengoba ishaye iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni weligi obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uMonyane uthe banalo ithalente elanele eqenjini, wathi bethemba ukuthi bazowunqoba lo mjaho. 

“Okokuqala nje, angibonge uMdali ngethalente angiphe lona, ngibonge nethimba labaqeqeshi ngokusigqugquzela nsukuzonke. 

“Bekungelula futhi kudingeke ukuthi sisebenze kanzima, ikakhulukazi njengoba besibhekene neRichards Bay nje.

“Kuhlezi kunzima ukudlala nabo. Ngakho kudingeke ukuthi siwulwele lo mphumela,” kusho uMonyane. 

Nokho yinto abebeyilindele vele ubunzima kwiRichards Bay ngoba bayihlelela ngezikhathi belungiselela isizini.

“Yinto esayihlela zisuka, nesiyenzayo uma sizicija. Siyazi ukuthi badlala kanjani futhi umqeqeshi ubazi ukuthi nginendima ebaluleke kakhulu kulo mdlalo. 

“Ngijabule ukuthi ngiwenze kahle umsebenzi wami neqembu nje lilonke, sisebenzile,” kuqhuba uMonyane. 

“Sinethalente eliphambili eqenjini, sihlezi sikhuthazekile ukubhekana nomdlalo ngamunye, ukuthuthuka ngomdlalo ngamunye ngethemba lokuthi sizoze sifike ekugcineni.”