Kwenzakalani ngo-Otladisa kwiBucs? Imenenja iyaphendula
- Intatheli yeLISENETHINI
Imenenja yomunye wabadlali okubikwa ukuthi bangase babolekiswe yi-Orlando Pirates ngoJanuwari seyiphendulile ngalamahlebezi ngomdlali wayo.
UNimrod Mbhalati, oyimenenja ka-Katlego Otladisa, odlala ophondweni kwiPirates, uthi ubengakakhulumi nePirates ngekusasa lalo mdlali.
Kunokukhthazeka ngokuthi njengoba eqiwa yijezi nje u-Otladisa kwiPirates, lokho kungase kukhinyabeze ikusasa lakhe.
U-Otladisa ujoyine iPirates ngoJulayi ka-2023 esuka kwiMarumo Gallants eyayidliwe yizembe ngaleso sikhathi.
Lo mdlali onekhono lomjiko oya phambili, akakadlali nakowodwa umdlalo kule sizini.
Manje imibiko ithi u-Otladisa engase abolekiswe kwiSekhukhune United, iPolokwane City noma yiqembu lakhe lakudala iGallants.
“Yikhathi ngisazohlala phansi nabaphathi be-Orlando Pirates ukuthola isixazululo,” kusho uMbhalati kwabeFARPost.
“Kodwa akulula ukuthi lowo mhlangano ungenzeka njengamanje ngoba iwindi livele livaliwe.
“Ngakho-ke, asilinde sibone ukuthi yini ezokwenzeka uma sekuyisikhathi esifanele sokuthi sihlangane.”
UMbhalati ukuvumile ukuthi asisihle lesi simo azithola ekuso lo mdlali kwiPirates, nokuthi akhona amaqembu acuthile.
“Kodwa khona impela kunjalo, kukhona amaqembu akhombisa intshisekelo ngalo mfana, futhi uvele akadlali.
“Ngokweminyaka yakhe, kumele ngabe ungumuntu odlala njalo, kodwa ke lokho kufana nomfula osekude, esizobona sesifike kuwo ukuthi siwuwela kanjani.
“Yena ungumfana oqinile ngokomqondo, futhi ngiyameseka ngokubambisana nomndeni wakhe,” kuqhuba uMbhalati.
“Mina ngikhuluma naye nsukuzonke. Akalilahlile ithemba futhi usaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla.”
Kuzobonakala ngoJanuwari ukuthi u-Otladisa, oneminyaka engu-26 ubudala, uyahlala kwiPirates noma uyozama kwelinye iqembu.
Khona okucacile ukuthi uma efuna ukushiya kwiPirates, ngeke aliswele iqembu elizomthatha, limsebenzise.
NeGolden Arrows bekuke kwavela ukuthi ike yazidlisa satshanyana kwiPirates ifuna ukubolekwa yena ngaphambi kokuqala kwesizini.