EzintshaOrlando Pirates

BUKA: Uhlabe ‘u-1’ uRiveiro ebungaza ikhulu lemidlalo 

UJose Riveiro, osebizwa ngelikaJR kwi-Olrando Pirates, ungumuntu ohlezi ezihlangula, ebalekela ukunakwa. 

Nangemuva nokuhola iPirates emdlalweni wakhe ka-100 ngoLwesibili, akazange afune ukuthi elokhu enconywa noma ebongelwa. 

Ekhuluma nabezindaba, uyishaye indiva imibuzo ngaleli gxathu elibalulekile emsebenzini wakhe kwiPirates. 

Emidlalweni engu-100, uRiveiro unqobe engu-61, wadlala ngokulingana kwengu-20, wehlulwa kwengu-19.

Lokhu kuyirekhodi elihle kakhulu ikakhulukazi njengoba kule midlalo enezindebe ezinhlanu.

Empeleni nje emidlalweni yendebe usahlulwe kabili kuphela selokhu efikile kweZimnyama. 

Uhlulwe kwiCarling Knockout ngesizini edlule yiRichards Bay, wawashiswa ijezi ekuseni yiMagesi kule sizini. 

Ngale kwalokho, iMTN8 useyidlale amahlandla amathathu, wayinqoba kathathu. 

Okufanayo nakwiNedbank Cup ayidlale amahlandla amabili, wayinqoba kabili. 

Kukwiligi la abesalela khona emuva kancane njengoba eseyibuke kabili iMamelodi Sundowns idla isicoco phambi kwakhe. 

Kodwa kubukeka kulokhu ezoyifakela inselelo yangempela njengoba kumanje eyihola ngamaphuzu ayisithupha. 

Kuyo yonke le mpumelelo, uRiveiro akafuni kunakwe yena, ufuna kube yiqembu lilonke elishayelwa izandla ngayo.

Kodwa ngoLesibili ebusuku, ngemuva kokushaya iRichards Bay ngo 1-0 emdlalwei wakhe ka-100, abadlali bamphoqile ukuthi ajabule.

Lokhu bakwenze ngokuthi bamvulele isekela egunjini lokushintshela, bambizela ingoma bathi akasine.

Uqale wangabaza, wenqaba kodwa uDeon Hotto wambamba wamdudulela phakathi kwisekele, wagcina ewuhlabile u-1. Zibukele ividiyo ngezansi: