UMakhanya uphawula ngoku‘khanya’ kukaRele noNkota kwiBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi wenkulisa ye-Orlando Pirates uJoseph Makhanya uyaziqhenya kodwa akathuki ukubona izihlabani ezisencane uRelebohile Mofokeng noMohau Nkota begqama eqenjini elikhulu.
Ngokusho kukaMakhanya, laba badlali banomlando wobuqhawe, ngisho naseqenjini lakhe kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Lo mqeqeshi, owaziwa ngelika‘Duku Duku,’ usesebenze neqembu lenkulisa kwiPirates iminyaka emithathu.
Imizamo yakhe isiqalile ukuthela izithelo ezinhle njengoba uMofokeng noNkota sebethole ithuba eqenjini elikhulu futhi balibamba ngezandla zombili.
UMofokeng useshaye amagoli abalulekile kumaBhakabhaka. NgoMeyi 2024, wavalela enethini elokunqoba iNedbank Cup bebhekene neMamelodi Sundowns.
Ulandelise elinye igoli elinqobise iPirates kowamanqamu weMTN8 ibhekene neStellenbosch FC, waphinde wakhela uTshegofatso Mabasa igoli okwaba elesibili.
UNkota uhlabe umxhwele emdlalweni wakhe wokuqala bebhekene neRichards Bay, iPirates inqobe ngo 1-0 kulowo mdlalo.
Ngemuva kwenyanga, lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala washaya amagoli amabili benqoba kuMaZulu FC.
UMakhanya, ekhuluma nabe-iDiski Times, uveze injabulo yakhe ukubona abadlali bakhe bakudala bephumelela ezingeni eliphezulu.
Inqubekelaphambili yabo ikhombisa ukubaluleka kokukhulisa ithalente ngendlela efanele ezingeni lenkulisa.
“Njengomqeqeshi wenkulisa, wahlulelwa ngalowo msebenzi (wokukhiqiza ithalente),” kusho uMakhanya.
“Ngaso sonke isikhathi, ngiyazi ukuthi kuzothiwa, ‘cha, cha, cha, umqeqeshi wabathola bengavuthiwe…
“Kodwa akunjalo, baphekwe ngendlela efanele ukuze bakwazi ukudlala ibhola elihlelekile, bathole ukuzethemba kwabo, okuyinto abayisebenzisayo ukwenza kahle.”
UMakhanya uthe kuseqenjini lakhe la labafana bepononongwe kahle ukuthi babe nesibindi sokufika eqenini elikhulu bengasabi.
“Futhi ngiyaziqhenya kakhulu ukusho ukuthi ngesikhathi ngibafica lapha laba bafana, babengabafana abanethalente kodwa bengakapholishwa kahle.
“Ngakho baqala ukubukeka bengabadlali abafanele besadlala kwiDDC.
“Baqala ukushaya amagoli, uNkota waqala ukushaya amagoli, uRele waqala ukushaya amagoli besekwiDDC.
“Ngakho-ke asimangali ukuthi benza kahle kanjena eqenjini elikhulu,” kwengeza uMakhanya naye owakhulela kwinkunlisa yePirates.
Wagcina esedlala eqenjini elikhulu la ayengomunye wabadlali abangaconsi kubalandeli ikakhulukazi ngomjiko wakhe.