IBucs ibophele eliqinile, ihubha irekhodi
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates ibheke ukuqopha irekhodi elisha ekuqaleni kwesizini yeBetway Premiership, njengoba izobhekana neRichards Bay namhlanje e-Orlando Stadium.
AmaBhakabhaka ahamba phambili kwilogi kanti azoqopha irekhodi elisha lokuthi aqale umkhankaso wawo ngegiya eliphezulu, uma ekwazile ukushaya iNatal Rich Boyz.
Lokhu kunqoba kuzoba okwesikhombisa kulandelana uma kwenzekile.
IPirates isivele idlalile neRichards Bay kaBrandon Truter koweligi kule sizini, uKabelo Dlamini washaya igoli elanqobisa ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium.
AmaBhakabhaka kumele ukuthi aphumule kahle ngemuva kokuphuma zisuka kwiCarling Cup okwenze ingadlali ngempelasonto edlule.
Ngakolunye uhlangothi, iRichards Bay, ilwe kanzima imizuzu engu-120 ibhekene neCape Town City, yaze yagcina inqoba kumaphenathi ukuze ifinyelele kowandulela owamanqamu.
Ukuzethemba kwayo kumele ukube kuphezulu kulandela le mpumelelo kweyomkhumulajezi.
Nokho lo mdlalo uphinde wagqamisa enye yezinkinga ezinkulu zeRichards Bay – ubuthuntu phambi kwepali.
Iqembu likaTruter lisashaye amagoli amabili kuphela emidlalweni eyisishiyagalombili kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
“Njengoba sijabule futhi kunokuningi okuhle okuvela emdlalweni, ngeke sikwazi ukuziba ukuthi asikalishayi igoli,” kusho uTruter ngemuva komdlalo.
“Kuyinto esikhathazayo impela, futhi yinto esisebenza kanzima kuyo ukuyilungisa.”
Emuva iRichards Bay ivala kahle impela njengoba isangenelwe amagoli amane kuphela, okuhlanganisa nelilodwa bedlala nePirates ngoSepthemba 29.
IPirates kaRiveiro, ikhombisile ukuthi inezikhali zokudiliza noma yiluphi udonga lwasemuva.
AmaBhakabhaka aseshaye amagoli angu-30 emidlalweni engu-15 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Uma ingashaya iRichards Bay namuhla, iPirates kaRiveiro izophinde ifake ingcindezi kwiMamelodi Sundowns.
Uma amaphuzu amathathu etholwa yiBucs, azovula igebe libe ngelamaphuzu ayisithupha.
Zibophele kanje kulo mdlalo ose-Orlando Stadium ozoqala ngo-7.30 ebusuku.
- Pirates: Chaine – Monyane, Hotto, Sibisi, Sesame – Maswanganyi, Mofokeng, Makhaula, Mbatha – Nkota Makgopa
- Ebhentshini: Buthelezi – Maela, Mako, Rasebotja, Kimvuidi, Saleng, Dlamini, Gilberto, Mabasa
- Richards Bay: Otieno – Ndaba, Mabua, Mcineka, Mthethwa T. – Mabuya, Bomelo, Sithebe, Mthembu – Ntsundwana.
- Ebhentshini: Magoola, Allan, Zikhali, Dube, Figareido, Ndel, Gumede, Buthelezi, Sibanyoni