Angase abolekiswe oweqiwa yijezi kwiBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
UKatlego Otladisa ulengelwa yizembe kwi-Orlando Pirates njengoba engase akhululwe ngoJanuwari ukuze ayozama ukuthola isikhathi sokudlala kwelinye iqembu.
Kuthiwa selivele likhona iqembu elisiqaphe ngelokhozi isimo sakhe kweZimnyama ngenhloso yokugxuma lihlale uma ededelwa.
IMarumo Gallants yiyo okuthiwa izibhekile kulo mdlali kanti izocela ukubolekwa yena ngoJabuwari, bese ibheka ukumsayina ngokugcwele ekupheleni kwesizini.
Kuvele kukwiGallants lapho lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala aphinde wabuyelwa khona yifomu yakhe kulandela ukulimala.
Nokho ufike wakuthola kunzima kwiPirates ukungena eqenjini eliqala imidlalo kusukela eyijoyinile ngesizini edlule.
Umbango wezindawo kwiPirates ushube kakhulu njengoba ebanga indawo noRelebohile Mofokeng noMonnapule Saleng phakathi kwabanye.
U-Otladisa uzithole esekude kakhulu nesikimu kulandela ukufakwa kukaMuhau Nkota eqenjini elikhulu, nokusayinwa kukaGilberto wase-Angola.
“Kuke kwaba nemibuzo ngo-Otladisa kanti iGallants akuyona yodwa emhalelayo, iPolokwane City nayo iyamfuna,” kusho umthombo kwabePhakaaathi.
“Angakwazi ukuba ngumdlali omqoka kwenye indawo ngoba kwiPirates akadlali ngenxa yabanye abadlali abanga nabo indawo abasefomini engcono kunaye.
“Okwamanje, akukho okuvunyelwene ngakho kodwa kungenzeka ukuthi uzonyakaza uma kuvulwa iwindi.”
Lo mdlali owake wadlala kwiPlatinum Stars usazobonakala kuPirates kule sizini.
Ungenile esikwatini sosuku lomdlalo bebhekene neSuperSport United e-Orlando Stadium ngenyanga edlule kodwa akazange asetshenziswe.