Ibanjwe ngoswazi oluncane iPirates
- Sibongiseni GUMBI
I-Orlando Pirates isihlawuliswe ngemuva kokuvuma icala lokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo.
Lokhu kusuke esigamekweni esenzeka emdlalweni wakamuva la yayibhekene khona neMagesi FC e-Orlando Stadium.
Ngesikhathi somdlalo abalandeli bayo bajikijele izinto enkundleni beqondise konompempe ababekholwa wukuthi bacindezele iqembu labo.
Umshushisi wePSL uZola Majavu uqinisekise ukuthi iPirates beyibekwe leli cala futhi laqulwa ngoMsombuluko.
Iqembu livele phambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe lePSL, lalivuma icala.
Njengoba bekungokokuqala libhekene necala elinjena, balivumile icala, labe seligwetshwa ngokuhlawuliswa imali.
“I-Orlando Pirates FC ilivumile icala yabe seyilahlwa yicala ngokufanele,” kusho uMajavu esitatimendeni.
“Ikomidi lePSL likhiphe isinqumo kanje; ihlawuliswe imali engu-R100 000, ingxenye yayo ilengisiwe isikhathi esiyizinyanga ezingu-12.
“Nokho ingxenye yale mali, u-R50,000, ilengisiwe izinyanga ezingu-12.
“Lokhu kusho ukuthi ngeke bakhokhe inani eliphelele okwamanje, kodwa uma kuphinde okufanayo kwenzeka futhi kungakapheli unyaka, iyokhokha le mali esele.”
Lesi sinqumo sisebenza njengesexwayiso ekilabhini nakubalandeli bayo. Ukuziphatha kwezibukeli kunemiphumela, futhi i-PSL ihlose ukugcina isiyalo.
I-Orlando Pirates kuzomele isebenzele ukuvimbela izigameko ezifuze lezi esikhathini esizayo ukuze kugwenywe ezinye izinhlawulo.