EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ulindele noma yini ezofika neDowns

Njengoba ibheke emdllaweni omkhulu, nongaba nomthelela ekutheni isizini yayo ihamba kanjani, umqeqeshi  weKaizer Chiefs uNasredinne Nabi uthi akasabi. 

Lo mqeqeshi, osefike wenza umehluko obonakalayo kuleli qembu, uthi iqembu lakhe ulilungiselele noma yini engenzeka emdlalweni.

IChiefs izogadulisana neMamelodi Sundowns emdlalweni womzuliswano wesibili kwiCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. 

“Imimoya isesimweni esihle ekhempini,” kusho uNabi ngaphambi kwalo mdlalo okulindeleke inkundla igcwale phama. Umdlalo useFNB Stadium. 

“Asizange silinyalelwe muntu sibhekene neMagesi phakathi nesonto. Umuzwa ukahle, sonke umuntu usewubheke ngabomvu umdlalo. 

“Nokho kusilimazile ukungabi nesikhathi esanele sokuzilungiselela. Nokushintsha imincintiswano (kusuka kwiligi kuya kowendebe).

“Sidlale neMagesi emdlalweni weligi, manje sesidlala owomkhumulajezi.

“Lokhu kusiphoqa ukuthi sigcine sesithembela kakhulu kodokotela nabalolonga imizimba. 

“Benza umsebenzi omkhulu ngesikhathi silungiselela isizini ukubalungiselela abadlali ukuthi bakwazi ukumelana nale midlalo elandelana eduze.” 

Njengoba ezobhekana neSundowns, uNabi uyazi ukuthi ngeke kube wumdlalo olula.
“Sonke siyazi ukuthi iSundows yiqembu elijwayele ukunqoba izindebe futhi silindele impi ngoba nabo bafuna ukudlulela phambili. 

“Yisimo esifanayo nakithi. SiyiKaizer Chiefs. Sizokwenza konke okusemandleni ukunqoba phambi kwabalandeli bethu.

“Sigcina ukubhekana neSundowns, kwasala kancane ukuthi sithole umphumela omuhle.

“Kwakuwumdlalo onzima kodwa ojabulisayo. Namanje kuzoba wumdlalo omnandi,” kusho uNabi. 

“Womabili amaqembu anabadlali abasezingeni nabasefomini. Silindele noma yini abazoyenza.”